1 KwabaseKhorinte 2
Intshumayelo KaPawula NgoKhristu Obethelweyo
1Nami bazalwane, ekufikeni kwami lapho kini, angifikanga ngobugagu bokukhuluma noma bokuhlakanipha, kodwa ngimemezele kini imfihlakalo kaNkulunkulu. 2Ngokuba nganquma ukuthi angiyukukwazi okunye kini, kuphela uJesu Khristu, lowo obethelwe esiphambanweni. 3Mina ngafika kini ngibuthakathaka, ngesaba, ngithuthumela kakhulu, 4futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, 5ukuze ukukholwa kwenu kunganciki ekuhlakanipheni kwabantu, kodwa kume ngamandla kaNkulunkulu.
6Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma kulabo asebekhulile, kodwa lokhu ngukuhlakanipha okungesikho okwalesi sikhathi noma okwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. 7Kepha sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlakalweni efihliweyo, uNkulunkulu akumisela phambilini ukuba kube yinkazimulo yethu umhlaba ungakadalwa. 8Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo. 9Kepha kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga
nendlebe engakuzwanga,
okungaphumanga enhliziyweni yomuntu,
uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.”
10Ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya; phela uMoya ukuhlolisisa konke, ngisho nokujulileyo kukaNkulunkulu. 11Ngokuba ngubani kubantu okwaziyo okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Kanjalo-ke nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu okwaziyo. 12Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa, 13esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu, kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya. 14Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya. 15Kepha umuntu onoMoya kaNkulunkulu uphenyisisa konke, kanti Yena akukho muntu ongamphenyisisa. 16Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.