Uphawu Lwabantwana BakaNkulunkulu
1Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga. 2Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. 3Bonke abanalelo themba kuye, bayazihlambulula, njengokuba Yena ehlambulukile.
4Bonke abenza isono bayaweqa umthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho. 5Seniyazi ukuthi Yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye. 6Lowo okuye akoni; owonayo akambonanga, futhi akamazi.
7Bantwanyana, maningadukiswa muntu. Umuntu owenza ukulunga, ulungile, njengokuba Yena elungile. 8Owenza isono, ungokaSathane, ngokuba uSathane wona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze iyiqede iphele nya imisebenzi kaSathane. 9Umuntu ozelwe nguNkulunkulu akasenzi isono, ngokuba imbewu kaNkulunkulu ihlala kuye, futhi akanakwenza sono, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu. 10Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.
11Yilo umyalo enawuzwayo kwasekuqaleni wokuthi sithandane, 12kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.
Uthando Lwabazalwane
13Ningamangali bazalwane uma izwe linizonda. 14Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba siyabathanda abazalwane; ongabathandiyo uhlezi ekufeni. 15Umuntu ozonda umzalwane wakhe ungumbulali. Niyazi-ke ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade.
16Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane. 17Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? 18Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso.
Ukuba Nesibindi Phambi KukaNkulunkulu
19Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; inhliziyo yethu iyakuba neqholo phambi kwakhe. 20Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.
21Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi sokuma phambi kukaNkulunkulu, 22nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye. 23Yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Khristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. 24Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya oNgcwele asinike Yena.