Isiphrofetho SikaJehu NgoBhahasha
1Izwi likaSimakade lafika kuJehu, indodana kaHanani, limelene noBhahasha, lathi: 2“Njengoba ngakuphakamisa othulini, ngakwenza umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobhowamu, wenza abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangichukuluze, bavuse ulaka lwami ngenxa yezono zabo; 3ngizakumkhukhula uBhahasha nabendlu yakhe, indlu yakhe ngizoyenza ifane nendlu kaJerobhowamu, indodana kaNebhathi. 4Noma ngubani ofayo emzini wendlu kaBhahasha, uyodliwa yizinja, nalowo ongowendlu yakhe oyofela endle, uyodliwa yizinyoni zezulu.”
5Ezinye izindaba zikaBhahasha, nakwenzayo, nempumelelo yakhe, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 6UBhahasha walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa eThiriza; u-Ela, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
7Izwi likaSimakade lafika ngoJehu, indodana kaHanani umphrofethi, mayelana noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi ayebenze phambi kukaSimakade ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobhowamu ayiqothula.
Ukubusa Kuka-Ela Kwa-Israyeli
8Ngonyaka wama-26 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBhahasha, waba yinkosi kwa-Israyeli eThiriza; wabusa iminyaka emibili.
9UZimri, umkhuzi wengxenye yempi yezinqola zakhe, wamenzela ugobe. Ngesikhathi eseThiriza ezigcingca ngotshwala endlini ka-Ariza, owayengamele isigodlo sakhona, 10ngonyaka wama-27 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uZimri wafika, wamthela phansi ngenkemba, wambulala, kwaba nguye inkosi esikhundleni sakhe.
11Kwathi nje ukuba abe yinkosi, lapho ethatha isihlalo sobukhosi, wabulala bonke abendlu kaBhahasha. Akazange ashiye namunye owesilisa womndeni wakhe, noma isihlobo sakhe, noma umngani wakhe. 12UZimri wayishaya wayibhuqa yonke indlu kaBhahasha njengokwezwi uSimakade ayelikhulume kuBhahasha ngomlomo kaJehu umphrofethi, 13ngenxa yezono zonke zikaBhahasha nezendodana yakhe, u-Ela, ababezenza abonisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo ezibaziweyo.
14Ezinye izindaba zika-Ela, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwa-Israyeli na?
Ukubusa KukaZimri Kwa-Israyeli
15Ngonyaka wama-27 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uZimri wabusa izinsuku eziyisikhombisa eThiriza, abantu bakanisa ngaseGibhethoni lamaFilisti. 16Abantu ababekanise lapho bezwa kuthiwa: “UZimri wakhe itulo, wabulala inkosi,” ngakho-ke wonke u-Israyeli wabeka u-Omri, umkhuzi wempi, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli ngalolo lusuku, enkanjini. 17U-Omri nawo wonke u-Israyeli bakhuphuka eGibhethoni, balivimbezela iThiriza. 18Kwathi ukuba uZimri abone ukuthi umuzi usudliwe, wayesengena enqabeni yesigodlo senkosi, wasithungela ngomlilo isigodlo senkosi engaphakathi, wafela lapho, 19ngenxa yezono zakhe ayone ngazo ngokwenza okubi phambi kukaSimakade, nangokuhamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe ayesenzile sokonisa u-Israyeli.
20Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwa-Israyeli na?
Ukubusa Kuka-Omri Kwa-Israyeli
21Abantu bakwa-Israyeli baqembukelana, baba yizingxenye ezimbili. Enye ingxenye yabantu yalandela uThibhini, indodana kaGinathi, ukuze bambeke abe yinkosi. Enye ingxenye yalandela u-Omri. 22Kepha abantu ababelandela u-Omri babehlula abakaThibhini, indodana kaGinathi; uThibhini wafa, u-Omri wayeseba yinkosi. 23Ngonyaka wama-31 wokubusa kwenkosi u-Asa kwaJuda, u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka eli-12, eyisithupha wayibusa eseThiriza. 24Wathenga intaba iSamariya kuShemere, ngamathalenta amabili esiliva. Wakha entabeni, waqamba igama lomuzi wakhe ayewakhile ngokuthi yiSamariya.
25Kepha u-Omri wenza okubi phambi kukaSimakade, wenza okubi ukwedlula bonke ababephambi kwakhe. 26Wahamba ezindleleni zonke zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.
27Ezinye izindaba zika-Omri azenzayo namandla awabonakalisayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 28U-Omri walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa eSamariya; u-Ahabi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ukubusa Kuka-Ahabi Kwa-Israyeli
29U-Ahabi, indodana ka-Omri, waqala ukubusa kwa-Israyeli ngonyaka wama-38 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda. U-Ahabi, indodana ka-Omri wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka engama-22. 30U-Ahabi, indodana ka-Omri, naye wenza okubi phambi kukaSimakade ukwedlula bonke abamendulelayo. 31Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye. 32Wamisela uBhali i-althare endlini kaBhali ayeyakhe eSamariya. 33U-Ahabi wenza u-Ashera, wenezela ekoneni kwakhe, wamcunula uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuwedlula wonke amakhosi akwa-Israyeli abusa ngaphambi kwakhe.
34Ezinsukwini zakhe, uHiyeli waseBhethele wabuye walakha kabusha iJerikho. Wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abhiramu, izibulo lakhe, amasango alo wawamisa ngokulahlekelwa nguthunjana wakhe, uSegubhi, njengalokhu uSimakade ayekhulumile ngomlomo kaJoshuwa, indodana kaNuni.