Isibingelelo
1UPhethro, umphostoli kaJesu Khristu, kwabakhethiweyo abayizihambi, abahlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya naseBhithiniya, 2abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.
UPhethro Ubonga UNkulunkulu Ngethemba Labakholwayo Eliphilileyo
3Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo, 4sibe nefa elingapheliyo, elingenasisihla, elingabuniyo, enililondolozelwe ezulwini. 5Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina; 6enithokoza kakhulu ngalokho, nakuba manje nidatshukiswa yizilingo ezinhlobonhlobo, 7ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu, 8enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo, 9namukela umphumela wokukholwa kwenu oyinsindiso yemiphefumulo.
10Mayelana nensindiso, abaphrofethi bafunisisa becwaningisisa ngomusa okwaphrofethwa ngawo ebenizakwenzelwa wona. 11Baphenyisisa ukuthi yisiphi, futhi sinjani leso sikhathi esakhonjwa nguMoya kaKhristu owayekubo, efakaza ngaphambilini ngezinhlupheko zikaKhristu nangenkazimulo eyayizakulandela kamuva. 12Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.
UPhethro Ukhuthaza Abakholwayo Ukuba Bahambe Ngobungcwele
13Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu. 14Njengabantwana abalalelayo, ningahuhwa-ke yizinkanuko zakuqala ngenxa yokungazi kwenu. 15Kepha njengalokhu onibizileyo engcwele, yibani ngcwele nani kukho konke enikwenzayo, 16ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele.”
17Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila. 18Nina niyazi ukuthi nahlengwa ezintweni ezingasho lutho zokhokho benu, hhayi ngezinto eziphelayo njengesiliva noma igolide, 19kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici. 20Wakhethwa umhlaba ungakasekelwa, kodwa wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu, 21okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.
22Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe. 23Senizelwe kabusha nina, hhayi ngembewu ephelayo, kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu, 24ngokuba:
“Yonke inyama injengotshani,
nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani.
Utshani buyabuna,
nembali ivuthuluke.
Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”
25Lelo yizwi levangeli elashunyayelwa kini.