Umsebenzi KaPawula EThesalonikha
1Nina bazalwane niyazi ukuthi ukunihambela kwethu akubanga yize. 2Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu. 3Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okwedukisayo nokokungcola nokobuqili, 4kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. 5Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi. 6Asizange sifune ukutuswa ngabantu, noma yinina, noma ngabanye; 7nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe. 8Kanjalo njengoba besinilangazelela, sakuthokozela ukwedlulisela kini, hhayi nje ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kodwa ngisho thina uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithi. 9Bazalwane, niyakukhumbula ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singabi ngumthwalo nakoyedwa kini, lapho sinishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.
10Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki. 11Niyazi futhi ukuthi yilowo nalowo kini samphatha njengalokhu uyise ephatha abantwana bakhe; 12sinikhuthaza, sinimisa isibindi, sigcizelela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizele embusweni nasenkazimulweni yakhe.
UPawula Ulanda Ngezinhlupheko Zabo Zokuzingelwa Ngenxa Yokukholwa
13Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo. 14Ngokuba nina bazalwane nalingisa amabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKhristu uJesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokhu nawo ahlushwa ngabaJuda. 15Bona bayibulala iNkosi uJesu nabaphrofethi, basizingela nathi kanzima, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke, 16besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo.
Uthando LukaPawula Aluguqukile
17Kepha thina bazalwane, besehlukanisiwe nani okwesikhashana, kodwa hhayi ngezinhliziyo, yingakho sikushisekele kakhulu ukuba sinibone, okuyikhona sikunxanele kakhulu. 18Ngakho-ke besithanda ukuza kini, impela mina Pawula, ngizame kaningana, kodwa uSathane wasivimbela. 19Ngokuba liyini ithemba lethu, ukuthokoza nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu ekufikeni kwakhe, uma kungeyini na? 20Nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.