Isibingelelo
1UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu, ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu nokaKhristu uJesu ithemba lethu, 2kuThimothewu, umntanami isiminya okholweni: makube kuwe umusa, ububele nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.
Isixwayiso Ngemfundiso Ephambene Nokukholwa
3Njengalokhu ngakunxusa ngesikhathi ngilibangise eMakhedoniya ukuba uhlale e-Efesu, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi okwahlukileyo, 4futhi bangazinaki izinganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNkulunkulu ngokukholwa. 5Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo. 6Abanye baphaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize, 7befuna ukuba ngabafundisi bomthetho, nakuba bengakuqondi abakushoyo nalokho abakugcizelela ngeqholo.
8Kepha thina siyazi ukuthi umthetho muhle, uma umuntu ewusebenzisa ngokufaneleyo, 9siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu, 10izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo; 11ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina.
UPawula Udumisa UNkulunkulu Owamkhethela Ukushumayela Ivangeli
12Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe, 13nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa. 14Kepha umusa weNkosi yethu wachichima nokukholwa kanye nothando olukuKhristu uJesu.
15Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo. 16Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade. 17Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
UPawula Uyala UThimothewu Ukuba Alwele Iqiniso Levangeli
18Thimothewu mntanami, ngikunika lo myalo njengokweziphrofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe ukulwa okuhle, 19unokukholwa nonembeza omuhle, abanye abakulahlile, bafelwa ngumkhumbi wabo wokukholwa, 20kulabo kukhona uHimenewu no-Aleksandru, engibanikele kuSathane, ukuze bayalwe ukuba bangahlambalazi.