Ukulangazelela Ikhaya Lasezulwini
1Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini. 2Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukuba sembathiswe indlu yethu yasezulwini, 3ukuze sithi sesiyikhumulile, singafunyanwa sihamba ze. 4Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo siyabubula, siyasindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa, kodwa ukwembathiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila. 5Kepha owasenzela lokho nguNkulunkulu, owasipha futhi isibambiso esinguMoya.
6Ngakho-ke sihlala sinesibindi, sazi ukuthi nxa ikhaya lethu lisesemzimbeni, sehlukene nekhaya eliseNkosini, 7ngokuba sihamba ngokukholwa, hhayi ngokubona. 8Simi isibindi, singathanda ukwehlukana nekhaya elisemzimbeni, ukuba sibe sekhaya eliseNkosini. 9Ngakho-ke nakuba sisekhaya noma sehlukene nalo, siphokophele ukuba ngabathandekayo kuye. 10Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.
Ukubaluleka Kwenkonzo Yokubuyisana
11Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe. 12Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzitusa ngathi, ukuze nikwazi ukuphendula labo abazigabisa ngokubonakalayo kungesikho okusenhliziyweni. 13Ngokuba noma singathi siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu. 14Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa; 15wafela bonke ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele Yena owabafelayo, wabuye wavuka.
16Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi. 17Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha. 18Konke lokho kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKhristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, 19okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana. 20Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”
21Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.