Isililo Ngo-Israyeli
1Lalelani leli lizwi engilimemezela kini eliyisililo ngendlu ka-Israyeli.
2“Iwile intombi yakwa-Israyeli,
ayisayukuvuka;
ilahliwe ezweni layo,
akekho oyakuyivusa.”
3Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu,
nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi
kuyo indlu yakwa-Israyeli.”
4Ngokuba usho kanje uSimakade kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:
“Ngifuneni, niphile.
5Kodwa ningalifuni iBhethele,
ningayi eGiligali,
ningadluleli eBheri Sheba,
ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa,
iBhethele liphenduke ize.
6Funani uSimakade, niphile,
kungenjalo uyakumemetheka njengomlilo
endlini kaJosefa,
ungqongqise, kungabi bikho owucimayo eBhethele.
7“Nina enihlanekezela ubulungiswa
bubabe njengomhlonyane,
nilaxaze phansi ukulunga;
8lowo owenza isilimela nomthala,
oguqula ubumnyama bube yintathakusa,
aphendule ubusuku bube yimini,
obiza amanzi olwandle,
awathululele phezu komhlaba,
igama lakhe nguSimakade,
9wehlisela imbubhiso kwabanamandla ngokuphazima,
nencithakalo yehlele izinqaba.
10Bayamzonda okhuzayo esangweni;
bamenyanye okhuluma iqiniso elimsulwa.
11“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu,
nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu,
noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo,
kodwa aniyukuhlala kuzo,
noma ningatshala izivini ezinhle,
kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.
12Ngokuba ngiyazi ukuthi
iziphambeko zenu ziningi,
nokuthi izono zenu zinkulu kangakanani,
nina enicindezela abalungileyo,
nemukele umfumbathiso,
nithalalise udaba lwabantulayo esangweni.
13Ngakho-ke ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi,
ngokuba yisikhathi esibi.
14“Funani okuhle, hhayi okubi,
ukuze niphile,
uyakuba nani uSimakade
uNkulunkulu Wamabandla,
njengoba nani nishilo kanjalo.
15Zondani okubi, nithande okuhle;
niqinise ubulungiswa esangweni,
hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla
ayihawukele insali kaJosefa.”
16Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, iNkosi, uthi:
“Kuyakulilwa kuzo zonke izigcawu,
nakuyo yonke imigwaqo,
kuthiwe: ‘Maye! Maye!’
Bayakubiza umlimi ukuba akhale,
nongoti bokukhihla isililo.
17Kuyakuba khona isililo nasezivinini zonke,
ngokuba ngiyakudabula phakathi kwenu,” kusho uSimakade.
USuku LukaSimakade Nokulangazelwa Kwalo
18Maye kini enifisa usuku lukaSimakade!
Kungani nilangazelela usuku lukaSimakade na?
Usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya.
19Kunjengokuba ethi umuntu ubalekela ibhubesi,
ahlangane nebhele,
athi uya endlini
ancike ngesandla odongeni,
alunywe yinyoka.
20Ngabe usuku lukaSimakade lungubumnyama,
hhayi ukukhanya,
luyisigayegaye esingenakho ukukhanya na?
21Ngiyawazonda, futhi ngiyawenqaba amadili enu,
angiyenameli nemihlangano yenu.
22Impela noma ninganikela kimi
ngeminikelo yokushiswa neyokusanhlamvu,
ngeke ngiyamukele;
ngiyoyishaya indiva iminikelo yenu yokuthula
yamathole akhuluphalisiweyo.
23Suka kimi nomsindo wezihlabelelo zakho,
angiyukuzwa kwamvunge yamahabhu akho.
24Kepha ubulungiswa mabugeleze njengamanzi,
nokulunga njengomfula ongashi.
25“Nake nangilethela yini imihlatshelo
neminikelo ehlane iminyaka
engamashumi amane,
nina ndlu ka-Israyeli na?
26Seniyakuthwala uSikhuthi inkosi yenu
noKhiyuni inkanyezi kankulunkulu wenu,
izithombe zenu enizenzele zona.
27Ngiyakunenza nithunjelwe phesheya kweDamaseku,”
kusho uSimakade ogama lakhe
linguNkulunkulu Wamabandla.