Ngomusa KaNkulunkulu Sisindisiwe NgoKhristu
1Nani nanifile ngenxa yeziphambeko nezono zenu, 2lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli, 3esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.
4Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, nangenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, 5nalapho sasifile ngenxa yeziphambeko, wasiphilisa kanye noKhristu – ngomusa nisindisiwe. 6Wasivusa kanye naye, wasihlalisa naye ezulwini kuKhristu uJesu, 7ukuze esikhathini esizayo abonakalise kithi ingcebo emangalisayo yomusa wakhe ngobubele bakhe, kuKhristu uJesu.
8Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; lokhu akuveli kini, kodwa kuyisipho sikaNkulunkulu, 9futhi akuyi ngemisebenzi, funa kube khona ozibongayo. 10Thina singumsebenzi wakhe, sidalelwe imisebenzi emihle kuKhristu uJesu, uNkulunkulu ayilungisela phambilini ukuba sihambe ngayo.
11Ngakho-ke khumbulani ukuthi nanikade ningabezizwe ngokwenyama, nibizwa ngokuthi ningabangasokile yilabo abaziwa ngokuthi basokile, okwenziwa ngezandla enyameni, 12ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKhristu, ningaphandle komphakathi wabakwa-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, futhi ningenaNkulunkulu emhlabeni.
13Kepha manje kuKhristu uJesu, nina enanikade nikude, senenziwe nabaseduze ngegazi likaKhristu.
14Yena ungukuthula kwethu, owenza okubili kwaba kunye, wabhidliza udonga olwehlukanisayo olungubutha enyameni yakhe. 15Waqeda umthetho, imiyalo nezimiso, ukuze adale kuYena labo ababili, bahlangane babe muntu munye omusha, enze ukuthula. 16Wenza ngesiphambano ukubuyisana kwababili kuNkulunkulu emzimbeni munye, wabuqeda ubutha ngaso. 17Weza washumayela ivangeli lokuthula kini enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. 18Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuBaba.
19Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, 20nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi, uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi, 21okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, 22okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.