Kwabase-Efesu 3
UPawula Wambula Imfihlakalo Yevangeli Kwabezizwe
1Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe. 2Uma impela senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu angiphe wona ngenxa yenu, 3ukuthi wangambulela ngesambulo imfihlakalo, njengoba nganilobela kafushane ngaphambilini; 4okuyothi uma niyifunda niqonde ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKhristu. 5Akayazisanga amadodana abantu ezizukulwaneni ezandulelayo, njengalokhu seyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaphrofethi ngoMoya, 6ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKhristu uJesu ngevangeli; 7engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe. 8Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo. 9Ngikhanyisele bonke abantu ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala konke, 10ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu, 11ngokwecebo laphakade alenzayo ngoKhristu uJesu iNkosi yethu; 12okungaye sinesibindi sokungena ngethemba, ngokukholwa kuye. 13Ngakho-ke ngiyaninxusa ukuba ningadangali ngezinhlupheko engikuzo ngenxa yenu, eziwudumo kini.
UPawula Ukhulekela Ibandla Ukuba Likhule Ekwazini Uthando LukaNkulunkulu
14Ngenxa yalokho, ngiguqa ngamadolo kuYise 15eyethiwe ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni, 16ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe. 17UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni, 18nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, ubude, ukuphakama, nokujula kothando lwakhe, 19nilwazi uthando lukaKhristu olwedlula ukuqonda konke, ukuze nipheleliswe ngokuphelela konke kukaNkulunkulu.
20KuYena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, 21makube kuye udumo ebandleni nakuKhristu uJesu ezizukulwaneni zonke, phakade naphakade. Amen.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.