I-Eksodusi 31
Abakhi Bethende Lokuhlangana Nokukulo
1USimakade wakhuluma kuMose wathi: 2“Bheka, ngimbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, ka-Huri wesizwe sakwaJuda, 3futhi ngimgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, ngamandla okwazi, ngokuhlakanipha nangokwazi lonke uhlobo lomsebenzi wezandla, 4ukuze asebenze ngobungcweti ngegolide, ngesiliva, nangethusi, 5abaze amatshe ezisekelo, abaze ukhuni, enze nayo yonke imisebenzi yezandla enhlobonhlobo. 6Ngaphezu kwalokho, ngimkhethile yena no-Oholiyabe, indodana ka-Ahisamakhi wesizwe sakwaDani, futhi ngibanike ubuchwepheshe bonke abanamakhono, ukuze benze konke engikuyale ukuba ukwenze: 7ithende lokuhlangana, umphongolo wesivumelwano, isihlalo somusa esiphezu kwawo, nayo yonke impahla yethende, 8itafula nayo yonke impahla yalo, uthi lwezibani olwenziwe ngegolide elicwengekileyo nazo zonke izinto zalo, ne-althare lokushisela impepho, 9i-althare lokushisela umnikelo nezitsha zalo, umcengezi nesinqe sawo, 10izingubo ezenziwe kahle, izingubo zomphristi u-Aroni, nezamadodana akhe, zokuba bakhonze bengabaphristi, 11amafutha okugcoba, nempepho enuka kahle yendawo engcwele. Bayokwenza konke lokhu njengalokhu ngikuyalile.”
Umthetho Wesabatha
12USimakade wathi kuMose: 13“Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyakugcina amasabatha ami, ngokuba awuphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguSimakade oningcwelisayo. 14Niyogcina isabatha ngokuba lingcwele kini. Yilowo nalowo olingcolisayo uyobulawa, nalowo owenza umsebenzi ngalo uyonqunywa phakathi kwabantu. 15Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa. 16Ngakho-ke abantu bakwa-Israyeli bayoligcina isabatha, bayoligcina izizukulwane ngezizukulwane njengesivumelwano saphakade. 17Liwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, lokuthi uSimakade wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleleka.’ ”
18USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.