Amaphupho KaFaro
1Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni. 2Kwase kwenyuka emfuleni izinkomazi eziyisikhombisa ezibukeka kahle, zikhuluphele, zadla emhlangeni. 3Kwaphinde kwenyuka emfuleni ezinye izinkomazi eziyisikhombisa, ezazibukeka kabi, zondile, zema eduze kwalezo ezazisosebeni lomfula. 4Kwathi lezo ezibukeka kabi ezondileyo zadla lezo ezibukeka kahle ezondlekileyo. Wayesephaphama uFaro.
5Walala, wabuye waphupha okwesibili. Bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ohlangeni olulodwa, zizinhle, futhi sezivuthiwe. 6Wabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa eziyiminconco, zizacile, futhi zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga. 7Izikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle nezivuthiweyo. Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.
8Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.
9Induna yabaphathindebe kaFaro yathi kuye: “Namhlanje ngiyawakhumbula amacala ami. 10UFaro wayezithukuthelele izinceku zakhe, mina nenduna yababhakizinkwa wasigquma ejele, endlini yomphathi wabaqaphi. 11Ngabusuku bunye saphupha, yilowo nalowo iphupho elinencazelo eyehlukile kwelomunye. 12Kwakukhona lapho kanye nathi ibhungu lomHebheru, isigqila senduna yabalindi benkosi. Salilandisa ngamaphupho ethu, lawachaza, yilelo ngokwencazelo yalo, 13kwaba njengoba lalishilo, mina ngabuyiselwa esikhundleni sami, kwathi induna yababhakizinkwa yaphanyekwa.”
14UFaro wathumela ukuba kubizwe uJosefa, bashesha bamkhipha emgodini, wagunda, wagqoka izingubo ezihlanzekileyo, wayeseya kuFaro.
15UFaro wathi kuJosefa: “Ngiphuphile, kodwa akekho umuntu okwazi ukungichazela. Ngizwile ngawe ukuthi kuyothi uma ulizwa leli phupho bese ungichazela.”
16UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.”
17UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngiphuphe ngimi osebeni lomfula iNayili; 18kwakhuphuka emfuleni izinkomazi eziyisikhombisa ezibukeka kahle ezikhulupheleyo, zaklaba emhlangeni. 19Emva kwazo kwase kukhuphuka ezinye izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo zibukeka kabi. Angikaze ngizibone izinkomazi ezimbi ngale ndlela kulo lonke iGibhithe. 20Izinkomazi ezondileyo, ezibukeka kabi, zadla lezi zokuqala ezikhulupheleyo. 21Kuthe sezizidlile, akwabonakala mehluko wokuthi kukhona ezikudlileyo, zazibukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.”
22“Ngabuye ngabona ephusheni izikhwebu eziyisikhombisa zibelethwe wuhlanga olulodwa, ziphelele, zizinhle. 23Ngabuye ngabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa emva kwazo, zizacile, zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga. 24Izikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo zagwinya lezo ezinhle. Ngizazisile izanusi ngalawa maphupho, kodwa asikho esingichazele wona.”
UJosefa Uchaza Amaphupho KaFaro
25UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza. 26Izinkomazi eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa, nezikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa. Yiphupho elilodwa lelo. 27Izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo nezibukeka kabi ezakhuphuka emva kwezinye, ziyiminyaka eyisikhombisa, kanjalo nezikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo, zashiswa ngumoya weshisandlu wasempumalanga, ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala. 28Lokhu engikushilo kuFaro, yilokho uNkulunkulu azokwenza, futhi umembulele khona uFaro. 29Uyabona-ke, kuzoba khona iminyaka eyisikhombisa yenala kulo lonke iGibhithe. 30Kuyolandela iminyaka eyisikhombisa yendlala, eyokwenza iminyaka yenala ikhohlweke eGibhithe, iyolikhahlameza kakhulu lonke izwe. 31Akusayukukhumbuleka ukuthi kwake kwaba khona inala ngenxa yendlala elandelayo, eyoba nzima kakhulu ezweni. 32Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze. 33Ngakho-ke uFaro makafune umuntu okhaliphileyo, nokwazi ukuhluza izinto, ambeke phezu kwalo lonke iGibhithe. 34UFaro makenze kanjalo, aqoke izibonda zengamele lonke iGibhithe, ukuze ziqokelele ingxenye eyodwa kweziyisihlanu yesivuno esizotholakala kule minyaka eyisikhombisa yenala. 35Mabaqokelele konke ukudla kule minyaka emihle yenala, bakugcine ezinqolobaneni phansi kwesandla sikaFaro, bakulondoloze emizini. 36Lokhu kudla kufanele kulondolozelwe izwe lonke ukuze likwazi ukubhekana neminyaka eyisikhombisa yendlala, ezokhungatha iGibhithe, ngaleyo ndlela izwe lingashatshalaliswa yindlala.”
Ukuphakanyiswa KukaJosefa
37Lezwakala liphusile lelo qhinga kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe. 38UFaro wazibuza izinceku wathi: “Singamtholaphi umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu na?”
39UFaro wayesethi kuJosefa: “Njengalokhu uNkulunkulu ekwambulele konke lokhu, akekho omunye okwazi ukuhlaziya izinto nohlakaniphe njengawe. 40Uzokwengamela isigodlo sami, nesizwe sami sonke siyokwenza njengoba usiyala; yimi kuphela ngokwesikhundla sami sobukhosi engizoba mkhulu kunawe.”
41UFaro wathi kuJosefa: “Uyabona-ke, ngikubeka phezu kwalo lonke iGibhithe.”
42UFaro wakhumula indandatho yakhe yokusicilela esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izembatho zelineni elicolekileyo, wamfaka nomgexo wegolide entanyeni. 43Wamgibelisa enqoleni yempi egitshelwa yilowo ongowesibili emva kwakhe, bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!”
UFaro wambeka ngaleyo ndlela-ke uJosefa, ukuba abe ngumbusi walo lonke iGibhithe.
44UFaro wathi kuJosefa: “Mina nginguFaro, kodwa ngaphandle kwemvume yakho akukho muntu oyophakamisa isandla, noma unyawo kulo lonke iGibhithe.”
45UFaro wamqamba uJosefa ngokuthi unguZafenathi Phaneya, wayesemganisela u-Asenathi indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni. UJosefa walithola kanjalo igunya phezu kwalo lonke iGibhithe.
UJosefa Uqoqa Isivuno
Iminyaka Eyisikhombisa Yenala
46UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe. 47Ngaleyo minyaka eyisikhombisa yenala izwe lathela ukudla okuningi kakhulu. 48UJosefa wakuqoqa konke ukudla okwatholakala ngaleyo minyaka eyisikhombisa yenala, wakulondoloza emizini: kwakungukudla okwakuvunwe emasimini azungeze yilowo nalowo muzi. 49UJosefa waqoqa ukudla okusanhlamvu okwaba kuningi njengesihlabathi ogwini lolwandle, wayeka ukukubala, ngokuba kwakungasenakubalwa.
50U-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni, wamzalela uJosefa amadodana amabili, ingakaqali iminyaka eyisikhombisa yendlala. 51UJosefa waliqamba izibulo lakhe wathi nguManase, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungenze ngakukhohlwa ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”
52Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”
Iminyaka Eyisikhombisa Yendlala Ezweni
53Yaphela iminyaka eyisikhombisa yenala eyayikhona eGibhithe. 54Iminyaka eyisikhombisa yendlala yaqala njengoba uJosefa ayeshilo. Kwaba nendlala kulo lonke izwe, kodwa eGibhithe kwakukhona ukudla. 55Kwathi lapho indlala isiqala ukuzwela naseGibhithe, abantu bakhala kuFaro becela ukudla. UFaro wabatshela bonke abaseGibhithe wathi: “Hambani niye kuJosefa, nikwenze konke anitshela khona.”
56Indlala yayisezweni lonke, ngakho-ke uJosefa wazivula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibhithe, ngokuba indlala yayisidlangile naseGibhithe. 57Amazwe onke aya eGibhithe ukuyothenga ukudla kuJosefa, ngokuba indlala yayisinzima emhlabeni wonke.