UJobe Uphendula Inkulumo Yesibili KaZofari
1UJobe waphendula, wathi:
2“Walaleleni ngokucophelela amazwi ami;
lokhu makube yinduduzo evela kini.
3Ngibekezeleleni, ngizakukhuluma,
ningangiklolodela-ke lapho sengiqedile ukukhuluma.
4“Ngabe ukukhononda kwami kungomuntu yini na?
Kungani umphefumulo wami ungebekezele na?
5Ngibhekeni, nishaqeke,
nibambe ongezansi.
6Uma ngikhumbula lokhu, ngiyaphazamiseka,
ukwesaba kuhlasimulise umzimba wami.
7Kungani izikhohlakali ziphila,
zize zibe zindala,
yebo, zidlondlobale
zibe namandla na?
8Abantwana bazo bekhula
bamiswe phambi kwazo,
nozalo lwazo, phambi kwamehlo azo.
9Izindlu zazo zivikelekile,
akukho ukwesaba kuzo;
uswazi lukaNkulunkulu alukho phezu kwazo.
10Inkunzi yazo iyakhwela, kayiphuthi;
inkomazi yazo iyazala, kayiphunzi.
11Zikhipha amankonyane azo njengomhlambi;
abantwana bazo bayatshakadula.
12Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,
bathokoza ngomsindo womtshingo.
13Ziphetha imihla yazo ngokuhle,
zehlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14Nokho zithe kuNkulunkulu:
‘Suka kithi, asifuni
ukwazi izindlela zakho.
15USomandla uyini ukuba simkhonze na?
Siyakuzuzani uma sikhuleka kuye na?’
16Bhekani, impumelelo yazo isezandleni zazo;
izeluleko zezikhohlakali zikude nami.
17“Kukangaki lapho isibani sezikhohlakali
sicinywa khona,
zehlelwe yinhlekelele,
zabelwe isabelo ngentukuthelo yakhe na?
18Zifana nezibi phambi komoya,
namakhoba epheshulwa yisiphepho.
19UNkulunkulu ukubekele abantwana bazo
ukukhohlakala kwazo,
kodwa makabuphindisele kuzo uqobo,
ukuze zikwazi.
20Mazikubone ukubhubha kwazo ngamehlo azo,
ziphuze intukuthelo kaSomandla.
21Zinandabani nabendlu yazo uma sezingasekho,
lapho umumo wezinyanga zazo usunqunyiwe na?
22Ukhona yini ongafundisa uNkulunkulu ukwazi,
Yena owehlulela abaphakemeyo na?
23“Omunye ufa esemi kahle kukho konke,
ezinzile, enokuthula.
24Umzimba wakhe unonophele,
umnkantsha wamathambo akhe ucebile.
25Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,
engakaze adle okuhle.
26Bayolala phansi othulini kanyekanye,
izimpethu zibemboze.
27Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu,
namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
28Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,
liphi ithende elihlala izikhohlakali na?’
29Anibabuzanga yini abadlula ngendlela?
Anibamukeli yini ubufakazi babo
30bokuthi omubi
uyokophulwa ngosuku lwenhlekelele,
nokuthi bayaphunyuka ngosuku lwentukuthelo na?
31Ngubani oyakumtshela kwezikabhoqo
ngendlela yakhe na?
Ngubani oyakuphindisela
ngalokho akwenzileyo na?
32Uyakuyiswa ethuneni,
kube khona olinda elibeni.
33Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye;
bonke abantu bayakumlandela
njengokuba bengenakubalwa
nababephambi kwakhe.
34“Pho ningiduduzelani ngeze,
lokhu ezimpendulweni zenu
kusele inkohliso yodwa na?”