UJobe Uphendula Inkulumo Yesithathu KaBhilidadi
1UJobe waphendula, wathi:
2“Umsize kanjani ongenamandla na?
Wayisindisa kanjani ingalo engenamandla na?
3Umeluleke kanjani ongahlakaniphile na?
Wamnika izeluleko ezinhle kangakanani ongenakuqonda na?
4Usizwe ngubani ukuba usho lawo mazwi?
Uwafunzwe ngubani uze ukhulume kanjena na?
5“Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi,
nakho konke okuhlala kuwo.
6Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe,
asikho isembozo sendawo yokubhubha.
7Wendlala inyakatho phezu kweze,
aphanyeke umhlaba ezeni.
8Ubopha amanzi emafini akhe,
ifu alidabuki phansi kwawo.
9Usibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi,
aneke ifu lakhe phezu kwaso.
10Udweba isiyingelezi phezu kwamanzi,
sibe ngumngcele phakathi kokukhanya nobumnyama.
11Izinsika zezulu ziyathuthumela,
zethuswa ngukukhuza kwakhe.
12Unyakazise ulwandle ngamandla akhe;
ngokuqonda kwakhe wambhubhisa uRahabi.
13Ngomoya wakhe amazulu ayakhazimuliswa;
isandla sakhe sabhokoda inkanyamba eshwibekayo.
14Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe,
izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye,
kodwa ukuduma kwamandla akhe
ngubani ongakuqonda na?”