UJobe Uphendula Inkulumo Yokuqala KaBhilidadi
1UJobe wayesephendula ethi:
2“Impela ngiyazi ukuthi kunjalo,
kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo
phambi kukaNkulunkulu na?
3Uma efuna ukuthetha icala naye,
angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4Uhlakaniphile ngenhliziyo,
unamandla amakhulu,
ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?
5Yena ogudluza izintaba, zingazi,
Yena ozigumbuqela ngentukuthelo yakhe,
6ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,
kuthuthumele izinsika zawo,
7oyala ilanga lingaphumi,
avalele izinkanyezi,
8oweneka izulu yedwa,
ahambe phezu kwamaza olwandle,
9owenza iNdonsa,
iKhwezi,
iSilimela, iSicelankobe
noMthala oseningizimu,
10owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka,
yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11Bheka, uyedlula
ngakimi, ngingaboni,
uyedlula, kodwa ngingamuzwa.
12Bheka, uyabamba,
ngubani ongamkhalima na?
Ngubani oyakusho kuye, athi:
‘Wenzani na?’
13“UNkulunkulu akayukulunqanda ulaka lwakhe;
bayakhothama abasizi bakaRahabi phansi kwakhe.
14Pho mina ngingamphendula ngithini,
ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na?
15Noma ngingenacala, angikwazi ukumphendula,
kufanele ngicele umusa kumehluleli wami.
16Uma bengimbizile wase engiphendula,
angikholwa ukuthi ulilalele izwi lami.
17Ngokuba uyangilimaza ngesiphepho,
wandisa amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.
18Akangivumeli ukuba ngiphefumule,
kepha ungigcwalisa ngomunyu.
19Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla.
Ukuba bekungubulungiswa,
ngubani ongambizela icala na?
20Nakuba ngilungile,
umlomo wami uyakungilahla,
noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.
21Ngimsulwa, kodwa angizazi,
ngiyakuzonda ukuphila kwami.
22Ngakho-ke konke kuyafana, yingakho ngithi:
‘Ubhubhisa omsulwa nesikhohlakali.’
23Uma kwehla inhlekelele ngokuzuma,
uyakuhleka ukuphelelwa yithemba kwabangenacala.
24Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali,
uyabumboza ubuso babehluleli bawo,
uma kungesiye, pho ngubani na?
25“Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi,
ziyabaleka zingakubonanga okuhle.
26Zitshuza njengesikebhe somhlanga,
nanjengokhozi luphuthuma ukudla kwalo.
27Uma ngithi: ‘Ngizokhohlwa ngukukhononda,
ngizoyeka ukunyukubala, ngithakase,’
28nokho ngiyabesaba
bonke ubuhlungu bami,
ngiyazi awuyukungithatha njengongenacala.
29Mina ngizolahlwa ngecala,
pho kungani ngikhandlekela ize na?
30Noma ngingageza ngamanzi eqhwa,
ngihlanze izandla zami ngensipho,
31nokho uyakungicwilisa emgodini,
nginengwe yizingubo zami.
32Ngokuba akasiye umuntu njengami
ukuba bengingaqagulisana naye,
nokuba ngibhekane naye esigcawini.
33Akukho mlamuli phakathi kwethu,
ongabeka isandla sakhe
phezu kwethu sobabili, asilamule.
34Makayisuse induku yakhe kimi,
nengebhe yakhe ingangesabisi,
35khona ngiyokhuluma ngingamesabi,
ngoba angiyikho lokhu
okucatshwangwa ngami.”