Ukuhlupheka Nethemba
1Ngingumuntu ohlupheke kakhulu,
uNkulunkulu ungijezisile ngentukuthelo yakhe.
2Ungixoshele ebumnyameni obukhulu.
3Ungishaye ephindelela ubusuku nemini,
engenqabela ukuba ngisondele kuye.
4Ugugise inyama yami nesikhumba sami;
wephula amathambo ami.
5Wakhe udonga,
wangibiyela ngobuthi nobunzima.
6Ungihlalise ebumnyameni obunzulu,
njengalabo abafa kudala.
7Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka,
wangibopha ngamaketanga asindayo.
8Nalapho ngikhala ngicela usizo,
akawunakanga umkhuleko wami.
9Izindlela zami uzibiyele ngomthangala wamatshe,
indlela yami wayigwegwisa.
10Ufane kimi nebhele elicuthileyo,
nanjengengonyama icuthe endaweni esithekileyo.
11Ungichezukise endleleni yami,
wanginikiza ngaba yizicutshana,
wangishiya ngimantwenguntwengu.
12Wakhokha umnsalo wakhe,
wangimisa ngaba yinkololo yemicibisholo yakhe.
13Wangihlaba ezinsweni ngemicibisholo yomgodla wakhe.
14Sengiyinhlekisa kubo bonke abantu bakithi,
bahaya ngami izingoma nsuku zonke.
15Ungisuthise ngomunyu,
wangiphuzisa inyongo.
16Ungiqumbe othulini,
amazinyo ami ephulwa ngumgubane.
17Ungemuke ukuthula,
angisakwazi ukujabula,
nezinto ezinhle azisekho.
18Ngase ngithi:
“Angisakwazi ukubekezela;
nethemba lami kuSimakade alisekho.”
19Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami
nokuba ngumhambuma,
kufana nenhlaba nenyongo.
20Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka.
21Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba,
uma ngicabanga ngoSimakade.
22Uthando lwakhe lungunakaphakade,
ububele bakhe abunamukhawulo.
23Kusha nsuku zonke,
ukwethembeka kwakhe kukhulu.
24Ngathi: “USimakade uyisabelo sami,
ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”
25USimakade muhle kulowo omlindelayo,
kulowo omfunayo.
26Kuhle ukulindela ngokuthula
ukusindisa kukaSimakade.
27Kuhle ukuba umuntu
athwale ijoka esemusha.
28Makahlale yedwa, athule,
ngokuba nguSimakade omethwese lona.
29Makabeke umlomo wakhe othulini,
hleze lingakhona ithemba.
30Makamnike isihlathi ommukulayo,
asuthe inhlamba.
31Ngokuba iNkosi ayinakusilahla
kuze kube phakade.
32Noma ikudabukisile,
iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo.
33Ngokuba akuveli enhliziyweni yayo ukuhlupha,
nokudabukisa abantwana babantu.
34Lapho zonke iziboshwa
emhlabeni zidovadovwa ngezinyawo;
35nalapho ubulungiswa buphanjaniswa
phambi koPhezukonke;
36lapho icala lomangalelwe lihlanekezelwa,
ngabe iNkosi ayikuboni lokho na?
37Kukhona yini ongahlela
bese enza akuhlelile,
uma iNkosi ingakuvumelanga na?
38Ngabe okuhle nokubi akwenzeki yini
ngokuyala koPhezukonke na?
39Kungani ukuba umuntu
akhononde ngempilo yakhe na?
Makakhononde ngezono zakhe.
40Masibheke, sihlolisise izenzo zethu,
sibuyele eNkosini.
41Masiphakamise izinhliziyo zethu nezandla zethu
sikuphakamisele kuNkulunkulu ezulwini, sithi:
42“Sonile, sakuhlubuka,
Wena Nkosi awuzithalaliselanga izono zethu.
43“Uzembese ngolaka, wasixosha,
wabulala, awaze waba naluzwelo.
44Uzifihle efwini,
ukuze imikhuleko yethu
ingafinyeleli kuwe.
45Usenze saba yizibi nemfucumfucu
phakathi kwezizwe.
46“Zonke izitha zethu ziyasiklolodela.
47Sehlelwe wuvalo,
sizungezwe yimigodi;
ukubhujiswa nencithakalo kuphezu kwethu.”
48Kugobhoza imifula yezinyembezi
emehlweni ami,
ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.
49Amehlo ami agobhoza izinyembezi,
azinqamuki, azinamkhawulo;
50aze abheke uSimakade,
abone esezulwini.
51Lokho okubonwa ngamehlo ami,
kuyayihlubula inhliziyo yami,
ngenxa yalokho okwenziwe kwabesifazane
bomuzi wakithi.
52Abangizondela ize,
bangizingelisisa okwenyoni.
53Bangiphonse emgodini,
bawugcika ngamatshe.
54Amanzi angigubuzela ikhanda.
Ngathi: “Kuphelile ngami!”
55Ngakhuleka kuwe, Simakade,
ngisemgodini phansi.
56Walizwa izwi lami lapho ngithi:
“Ungayisithezi indlebe yakho
ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”
57Lapho ngikubiza, ngicela usizo,
weza kimi, wathi:
“Ungesabi.”
58Nkosi, uyimele indaba yami,
wayihlenga impilo yami.
59Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi;
yehlulela, ungimelele.
60Ukubonile ukulangazelela kwabo
ukuba baphindisele,
nawo wonke amacebo abo ngami.
61Uyizwile yonke inhlamba
abangethuke ngayo, Simakade,
nozungu abangakhele lona.
62Bakhuluma futhi bacabange nto yinye nje:
ukuthi bangangilimaza kanjani.
63Noma behleli noma bemile,
ngiyihubo labo lokukloloda.
64Simakade, uyaphindisela kumuntu
ngokwemisebenzi yakhe;
ngiphindiselele kubo ngabakwenze kimi!
65Bashaye ngobumpumputhe,
udide imiqondo yabo,
beka isiqalekiso sakho phezu kwabo!
66Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise,
kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.