Isono Nesijeziso Samadodana Ka-Aroni
1ONadabi no-Abhihu, amadodana ka-Aroni, bathatha izitsha zabo zempepho ngamunye, bafaka kuzo umlilo, babeka impepho phezu kwazo, banikela phambi kukaSimakade ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo. 2Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade. 3UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi:
“ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele,
phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ”
U-Aroni wathula.
4UMose wabiza uMishayeli no-Elizafani, amadodana ka-Uziyeli, umfowabo ka-Aroni, wathi kubo: “Sondelani, nibasuse abafowenu phambi kwendawo engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwenkambu.”
5Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwenkambu, njengalokhu eshilo uMose.
6UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade. 7Ningaphumi emnyango wethende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaSimakade aphezu kwenu.”
Benza-ke njengezwi likaMose.
8USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi: 9“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho, nxa ningena ethendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu. 10Niyakwehlukanisa phakathi kokungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlanzekileyo, 11nize nifundise abantu bakwa-Israyeli zonke izimiso uSimakade azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”
Isabelo Seminikelo Sabaphristi
12UMose wakhuluma no-Aroni no-Eleyazare no-Ithamari, amadodana akhe ayesesele, wathi: “Thathani umnikelo wokusanhlamvu osale eminikelweni yomlilo kaSimakade, niwudle ungenamvubelo, eceleni kwe-althare, ngokuba ungcwelengcwele, 13niyakuwudla endaweni engcwele, ngokuba uyisabelo sakho nesabelo samadodana akho eminikelweni yokushiswa kaSimakade, ngokuba ngiyalwe kanjalo. 14Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli. 15Mabalethe umlenze wokuzungeziswa, nesifuba sokuzungeziswa, neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzungezise, kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade. Kuyoba ngokwakho nokwamadodana akho, kuyisabelo senu saphakade, njengalokhu uSimakade eyalile.”
16UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono; bheka, yayishisiwe. Wabathukuthelela o-Eleyazare no-Ithamari, amadodana ka-Aroni ayesele, wathi kuwo: 17“Aniwudlelanga ngani umnikelo wesono endaweni engcwele na? Ungcwelengcwele, futhi uSimakade uwunike nina ukuze nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaSimakade. 18Igazi lawo alingeniswanga endaweni engcwele; benifanele impela ukuba niwudlele endaweni engcwele, njengalokhu ngayala.”
19U-Aroni wathi kuMose: “Uyabona, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangowokushiswa phambi kukaSimakade, nokho mina ngehlelwe yilokhu. Uma bengiwudlile umnikelo wesono namuhla, bekuzakwamukeleka yini emehlweni kaSimakade na?”
20Esekuzwile lokho uMose, kwaba kuhle emehlweni akhe.