Imithetho Yezijeziso
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Uyothi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Noma ngubani kubantu bakwa-Israyeli, noma ngumfokazi ogogobele kwa-Israyeli, oyonikela noma ngayiphi yenzalo yakhe kuMolekhi; uyobulawa, abantu balelo lizwe bamkhande ngamatshe. 3Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele. 4Uma abantu balelo lizwe bethalalisa, benza sengathi ababoni lapho enikela ngenzalo yakhe kuMolekhi, bengambulali lowo muntu, 5Mina uqobo ngiyakumelana nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo nabo bonke abahamba naye bayophinga, bephinga noMolekhi.
6“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.
7“ ‘Zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba Mina nginguSimakade, uNkulunkulu wenu. 8Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguSimakade oningcwelisayo.
9“ ‘Yilowo nalowo othuka uyise nonina uyobulawa nokubulawa, lokhu ethuke uyise nonina; igazi lakhe liyoba phezu kwakhe.
10“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa.
11“ ‘Umuntu olala nomkayise, wembula ubunqunu bukayise; bobabili bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.
12“ ‘Uma umuntu elala nomalokazana wakwakhe, bobabili bayobulawa nokubulawa; benze ichilo; igazi labo liyoba semakhanda abo.
13“ ‘Indoda elala nowesilisa njengowesifazane, bobabili benze okunengisayo; bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.
14“ ‘Umuntu oyothatha owesifazane nonina, kungukonakala lokho; bayakushiswa ngomlilo, yena nabo, ukuze kungabi bikho lobu bubi phakathi kwenu.
15“ ‘Uma umuntu elala nesilwane, uyobulawa nokubulawa, nesilwane sibulawe.
16“ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni ukuba alale naso, uyobulawa owesifazane nesilwane; bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.
17“ ‘Uma umuntu eyothatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bayo, nayo ibone ubunqunu bakhe, kuyihlazo lokho; bayakunqunywa phambi kwabantu bakubo, ngokuba embulile ubunqunu bukadadewabo, uyothwala icala lakhe.
18“ ‘Uma umuntu elala nowesifazane osesikhathini, embule ubunqunu bakhe, umembulile esesikhathini, naye uzembulile esesikhathini, ngakho-ke bobabili bayonqunywa kubantu bakubo.
19“ ‘Ungabembuli ubunqunu bukanyokokazi, noma obukayihlokazi, ngoba uyobe unqunise isihlobo sakho; bayojeziswa.
20“ ‘Umuntu olala noyisekazi, wambule ubunqunu bukayisekazi, bayakuthwala isono sabo, bafe bengazange babe nabantwana.
21“ ‘Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola lokho; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayokufa bengazange babe nabantwana.
22“ ‘Ngakho-ke niyogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izehlulelo zami nizenze, ukuze izwe enginiyisa kulo ukuba nihlale kulo linganiphalazi. 23Aniyukuhamba ngezimiso zezizwe engizozixosha phambi kwenu, ngokuba zenzile zonke lezi zinto; nganengwa yizo. 24Nokho, nganitshela ngathi: “Niyolidla izwe lazo, ngininike lona libe yifa lenu, izwe elichichima ubisi noju;” nginguSimakade uNkulunkulu wenu onehlukanisile kwezinye izizwe.
25“ ‘Ngakho-ke niyohlukanisa phakathi kwesilwane esihlanzekileyo nesingcolileyo; inyoni engcolileyo nehlanzekileyo, aniyukuzenza nenyanyeke ngesilwane noma inyoni, nanoma yini nje enwabuzelayo emhlabeni, engikwehlukanisile ngathi kungcolile. 26Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba Mina Simakade ngingcwele, nginehlukanisile kwabezizwe ukuba nibe ngabami.
27“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”