ILevithikhusi 3
Umthetho Weminikelo Yokuthula
1“ ‘Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula, ophuma emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi, uyonikela ngokungenasici phambi kukaSimakade. 2Uyakubeka isandla sakhe enhloko yawo, awuhlabe ngasekungeneni kwethende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni angabaphristi ayofafaza igazi lawo nxazonke ze-althare. 3Uyothatha kulowo mnikelo wokuthula anikele ngawo ube ngumnikelo womlilo kuSimakade, umhlwehlwe nawo wonke amanoni amboze ezangaphakathi, 4izinso zombili namafutha azembozile ngasokhalo, nengxenye yesibindi, akukhiphe konke. 5Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade. 6Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula kuSimakade ovela emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi uyonikela ngokungenasici. 7Uma enikela ngewundlu libe ngumnikelo wakhe uyoliletha phambi kukaSimakade, 8abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe. Liyohlatshwa phambi kwethende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni ayofafaza igazi lalo nxazonke ze-althare. 9Amanoni alo awathathe emnikelweni wokuthula, uyowanikela abe ngumnikelo womlilo kuSimakade: wonke umsila walo osikwe emgogodleni, amanoni emboze ezangaphakathi, nawo wonke amanoni aphezu kwezangaphakathi, 10nezinso zombili namanoni azembozile asokhalo, namanoni aphezu kwesibindi, uyowasusa nezinso. 11Umphristi uyakukushisa lokhu kube nentuthu e-althare, kungumnikelo wokudla womlilo kuSimakade.
12“ ‘Uma umnikelo wakhe kuyisiphongwane, uyowethula phambi kukaSimakade, 13abeke isandla sakhe enhloko yaso, asihlabele phambi kwethende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni ayofafaza igazi laso nxazonke ze-althare. 14Uyothatha kuso, anikele kube ngumnikelo wakhe womlilo kuSimakade: amanoni amboze ezangaphakathi zaso, nawo wonke akwezangaphakathi, 15nezinso zombili namanoni azembozile asokhalo, namanoni aphezu kwesibindi, uyowasusa ezinsweni. 16Umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi. Onke amanoni angakaSimakade.
17“ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.