Ukwakhiwa Kabusha Kwamasango Nogange EJerusalema
1Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.
2Eduze kwakhe kwakwakha amadoda aseJerikho, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa nguZakhari, indodona ka-Imri.
3ISango Lenhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasena. Afaka imishayo namasango ezindaweni zakho, afaka imigoqo nezihluthulelo.
4Ingxenye elandelayo yalungiswa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, umzukulu kaHakozi. Elandelayo yakhiwa nguMeshulami, indodana kaBherekhiya, umzukulu kaMeshezabheli. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana kaBhahana.
5Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo.
6ISango iJeshana lakhiwa nguJoyada, indodana kaPhaseya, noMeshulami, indodana kaBhesodeya. Bafaka imishayo namasango ezindaweni zakho, bafaka imigoqo nezihluthulelo.
7Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMelathiya waseGibheyoni, noJadoni waseMeronothi, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda akwaGibheyoni naseMizpha kwaze kwayofika lapho kuhlala khona umbusi wesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe.
8Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Uziyeli, indodana kaHarihaya, umkhandigolide. Elandelayo yayihamba ize iyofika oGangeni Olukhulu, yona yakhiwa kabusha nguHananiya, owayenza amakha.
9Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema.
10Ingxenye elandelayo yakhiwa nguJedaya, indodana kaHarumafi, kwazise yayiseduze nomuzi wakhe. Elandelayo yakhiwa nguHathushi, indodona kaHashabhineya.
11Ingxenye elandelayo noMbhoshongo Wohhavini kwakhiwa nguMalikhija, indodana kaHarimi noHashubhi, indodana kaPhahathi Mowabi.
12Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShalumi, indodana kaHaloheshi, umbusi wenye ingxenye yesifunda eJerusalema. Amadodakazi akhe amsiza kulowo msebenzi.
13ISango Lesigodi lakhiwa kabusha nguHanuni nezakhamuzi zomuzi iZanowa. Bamisa amasango ezindaweni zawo, bafaka imigoqo nezihluthulelo, bakha kabusha ugange olungamakhubhithi ayinkulungwane kuze kuyofika eSangweni Lomquba.
14ISango Lomquba lakhiwa kabusha nguMalikhija, indodana kaRekhabhi, umbusi wesifunda eBhethi Hakhiheremi. Wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo.
15ISango Lomthombo lakhiwa kabusha nguShalumi, indodana kaKholihoze, umbusi wesifunda eMizpha. Walakha, walifulela, wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo, wakha nogange echibini iShela ngasengadini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehlela emzini kaDavide.
16Ingxenye elandelayo yayize iyofika ngaphambi kwedlinza likaDavide, kuya echibini nendlu yamaqhawe, kwakhiwa nguNehemiya, indodana ka-Azibhuki, umbusi wengxenye yesifunda iBhethi Zuri.
AbaLevi Abakha Kabusha Izingxenye Zogange
17Laba baLevi abalandelayo bakha kabusha izingxenye ezithile zogange: uRehumi, indodana kaBhani, wakha ingxenye elandelayo; uHashabhiya, umbusi wengxenye yesifunda iKheyila, wakha ingxenye elandelayo, enzela isifunda sakhe.
18Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhavayi, indodana kaHenadadi, umbusi wenye ingxenye yesifunda iKheyila.
19Ingxenye elandelayo ephambi kwendawo yezikhali kuze kuyofika endaweni lapho ugange lujika khona yakhiwa ngu-Ezeri, indodana kaJeshuwa, umbusi waseMizpha.
20Ingxenye elandelayo kuze kuyofika esangweni lendlu yomphristi omkhulu, u-Eliyashibhi, yakhiwa nguBharukhi, indodana kaZabhayi.
21Ingxenye elandelayo kuze kuyofika ekugcineni kwendlu ka-Eliyashibhi yakhiwa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, indodana kaHakozi.
Abaphristi Abalungisa Izindawo Ezizungezile
22Emva kwakhe kwalungisa abaphristi namadoda asezindaweni ezazizungeze lapho.
23Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhenjamini noHashubhi, kwazise yayiphambi kwemizi yabo.
Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Azariya, indodana kaMahaseya, indodana ka-Ananiya, kwazise yayiphambi komuzi wakhe.
24Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhinuwi, indodana kaHenadadi, kusukela endlini ka-Azariya kuze kuyofika ejikeni logange.
25UPhalali, indodana ka-Uzayi, wakha ingxenye elandelayo, kusukela ejikeni logange nombhoshongo wesigodlo esasingenhla eduze negceke labaqaphi.
Emva kwakhe, uPhedayi, indodana kaPharoshi 26nezisebenzi ezazihlala ethempelini e-Oferi, bakha kabusha ingxenye emalungana neSango Lamanzi, empumalanga yejika lombhoshongo. Lokhu kwakuseduze nengxenye yomuzi okwakuthiwa yi-Ofeli, lapho kwakuhlala khona amadoda ayesebenza ethempelini.
Abanye Abakha Izingxenye Ezilandelayo
27Ingxenye elandelayo esuka malungana nombhoshongo omkhulu oqaphe ithempeli kuze kuyofika eduze kodonga oluseduze ne-Ofeli, yakhiwa ngamadoda aseThekhowa. Lokho kwase kuyingxenye yawo yesibili.
28Ngenhla kweSango Lehhashi, kwakha abaphristi, yilowo nalowo akha phambi komuzi wakhe.
29Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana ka-Imeri, ngoba yayiphambi komuzi wakhe.
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShemaya, indodana kaShekhaniya, umlindi wesango iMpumalanga.
30Ingxenye elandelayo yakhiwa nguHananiya, indodana kaShelemiya noHanuni, indodana kaZalafi yesithupha.
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMeshulamu, indodana kaBherekhiya, ngoba yayiphambi komuzi wakhe.
31Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMalikhija, umkhandigolide, kusukela endlini eyayisetshenziswa ngamadoda ayesebenza ethempelini nabahwebi, eyayingasesangweni iMifikhadi, eduze nendlu ephezu kogange, ejikeni elisenyakatho mpumalanga yalo.
32Abakhandigolide, nabahwebi bakha ingxenye yokugcina, kusukela endlini esejikeni kuze kuyofika eSangweni Lezimvu.