Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sesithathu (5)
1Umuntu othi esolwa abe nenkani,
uyochotshozwa ngokuphazima kweso,
akayukuhlengwa muntu.
2Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo,
kodwa bayakhononda ngokubusa kwesikhohlakali.
3Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise,
kepha ongumngani wezifebe
usaphaza imfuyo yakhe.
4Inkosi iyalimisa izwe layo ngobulungiswa;
umuntu olithelisayo ulicekela phansi.
5Umuntu oyenga umakhelwane wakhe
wendlala inetha ezinyaweni zakhe.
6Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi,
kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.
7Olungileyo uyalazi ilungelo lompofu,
kodwa omubi akaqondi lutho.
8Izedeleli ziyawushisa umuzi,
kodwa abalungileyo bayaludambisa ulaka.
9Uma ohlakaniphileyo ephikisana nesiwula
siyadlova, sihleke,
kungabi bikho ukuthula.
10Abantu abathanda ukuchitha igazi
bayabazonda abamsulwa,
kodwa abaqotho bayakuvikela
ukuphila kwakhe.
11Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,
kepha ohlakaniphileyo uyalugodla
kuze kube sekugcineni.
12Uma umbusi elalela indaba yamanga,
zonke izikhulu zakhe ziyakhohlakala.
13Ompofu nocindezelayo bayafana;
nguSimakade owenza
ukuba bobabili amehlo abo abone.
14Inkosi eyehlulela abampofu ngeqiniso,
isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
15Uswazi nokusola kunika ukuhlakanipha,
kepha umntwana oyekwayo uyakuhlaza unina.
16Lapho zanda izikhohlakali, kwanda iziphambeko,
kepha abalungileyo bayakubona ukuwa kwazo.
17Yiyale indodana yakho,
khona iyokuphumuza,
yebo, iwuthokozise umphefumulo wakho.
18Lapho kungekho mbono khona,
abantu baba wumhlambi kazalusile,
kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.
19Inceku ayisolwa ngamazwi nje,
ngokuba noma iqonda ayiyukulalela.
20Uyambona umuntu oshesha ukukhuluma,
ungcono umuntu oyisiwula kunaye.
21Inceku ekhuliswa ngokutotoswa kwasebuntwaneni,
isiphetho sayo siyoba sibi.
22Umuntu onolaka udala ingxabano,
nalowo onesififane ubanga ukuphambuka okukhulu.
23Impakamo yomuntu iyomqumba phansi,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
24Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe;
uzwa isifungo esibi ngomunye,
kepha angasidaluli.
25Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe,
kepha owethemba uSimakade uyalondeka.
26Abaningi bafuna umusa wombusi,
kepha ukwehlulelwa komuntu
kuvela kuSimakade.
27Umuntu ongethembekile uyisinengiso kwabalungileyo,
nohamba ngobuqotho uyisinengiso kokhohlakele.