Isixwayiso Ngowesifazane Ophingayo
1Ndodana yami,
gcina amazwi ami,
uzilondele imiyalelo yami.
2Gcina imiyalelo yami, uphile,
nemfundiso yami,
njengenhlamvu yeso lakho.
3Kubophele eminweni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho.
4Yisho kukho ukuhlakanipha uthi:
“Wena ungudadewethu,”
ubize ukuqonda, ukubize ngokuthi
yisihlobo sakho,
5ukuze kukuvikele kowesifazane ondindayo,
nakowezizwe onamazwi athophayo.
6Ngisefasiteleni lendlu yami,
ngalunguza ngekhethini lami,
7ngabona phakathi kwabangenalwazi,
ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,
8idlula emgwaqweni eduze negumbi lakhe,
ibheke ngasendlini yakhe;
9kwasekuhwelela kusihlwa,
esigayegayeni sobusuku nobumnyama.
10Bheka, owesifazane wamhlangabeza
egqokise okwesifebe, ezembozile.
11Uyaphishaphisheka akanakuthula;
izinyawo zakhe azivumi
ukuhlala endlini yakhe,
12manje usesemigwaqweni,
nanguya esesezigcawini,
uyacutha emajikeni wonke.
13Uyayibamba, uyayiqabula, engenamahloni,
uthi kuyo:
14“Namuhla ngiyenzile iminikelo yokuthula;
ngazigcwalisa izithembiso zami.
15Ngakho-ke ngiphumile ngizokuhlangabeza,
ngizofuna ubuso bakho,
manje sengikutholile.
16Umbhede wami wendlalwe ngezindwangu zokwemboza,
nelineni laseGibhithe elinemishu.
17Umbhede wami ngiwufafaze ngemure,
ngenhlaba nangekinamona.
18Woza sizanelise ngothando kuze kuse;
sijabule ngokuthandana.
19Indoda yami ayikho ekhaya;
ithathe uhambo olude.
20Ithathe isikhwama semali ngesandla;
iyoze ibuye ekhaya ngokudilingana kwenyanga.”
21Uyiphambukisa ngamazwi akhe amaningi ahehayo;
uyiyenga ngokuthopha kwezindebe zakhe.
22Iyamlandela masinyane njengenkabi iya ekuhlatshweni
nanjengenyamazane ingena esihibeni;
23uze umcibisholo uhlabe esibindini sayo;
isheshela ogibeni njengenyoni,
ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.
24Ngakho-ke bantwana, ngizweni,
nilalele amazwi aphuma emlonyeni wami.
25Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe,
ungahambi emikhondweni yakhe.
26Ubawisile abaningi, bafa;
ubulele izindimbane.
27Indlu yakhe iyindlela
eqonde endaweni yabafileyo,
eyehlela emakamelweni okufa.