USimakade UnguMehluleli Oqotho
Kumholi wokuhlabelela. NgeSheminiti. Ihubo likaDavide
1Yelekelela, Simakade,
ngokuba akusekho muntu oqotho,
nabebethembekile abasekho kubantu.
2Bakhuluma amanga,
omunye kumakhelwane wakhe,
ngezindebe ezithophayo,
nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.
3Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo,
ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa.
4Labo abathi:
“Thina sigabe ngolimi lwethu.
Sisho umathanda ngalo.
Pho iphi le nkosi ethi
ingasiphatha na?”
5Kepha Wena Simakade, uthi:
“Ngenxa yabampofu abaphangwayo,
nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,”
kusho uSimakade,
“ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”
6Amazwi kaSimakade ahlanzekile,
anjengesiliva elihlanzwe esithandweni somlilo,
lahlanzwa kasikhombisa emhlabathini.
7Wena Simakade uyakubagcina,
umvikele kulesi sizukulwane, kuze kube phakade.
8Izikhohlakali zehla zenyuka, zibukisa,
njengoba ububi budlangile nje
phakathi kwabantwana babantu.