Abanamandla Mabasize Ababuthakathaka
1Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka balabo abangenamandla, singazithokozisi thina. 2Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane ngokumenzela okuhle, ukuze amakhe; 3ngokuba noKhristu akazithokozisanga Yena, kodwa njengokulotshiwe ukuthi: “Inhlamba yabakuthukayo yehlela phezu kwami.”
4Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.
5Sengathi uNkulunkulu wokubekezela nokugqugquzeleka anganipha nibe nakuqonda kunye phakathi kwenu maqondana nokukaKhristu uJesu, 6ukuze nganhliziyonye nangamlomo munye nidumise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu.
Bonke Mabaphathane Ngomoya KaKhristu
7Ngalokho-ke yamukelanani, njengalokhu noKhristu wanamukela, kube ludumo kuNkulunkulu. 8Ngokuba ngithi, uKhristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho; 9nabezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokhu kulotshiwe ukuthi:
“Ngakho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe,
ngihubele igama lakho;”
10aphinde athi:
“Jabulani, nina bezizwe nikanye nesizwe sakhe,”
11nokuthi:
“Dumisani iNkosi, nina bezizwe nonke,
niyibabaze, nina bantu bonke.”
12U-Izaya ubuye athi:
“Kuyakuvela impande esiqwini sikaJesayi,
eyakuvuka ukuba ibuse abezizwe;
abezizwe bayakwethembela kuye.”
13Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
UPawula Uchaza Umsebenzi Wakhe
14Kepha nami bazalwane bami, nginesiqiniseko ngani ukuthi nani uqobo nigcwele ukulunga, nigcwalisiwe ngalo lonke ulwazi, futhi ninamandla okuyalana. 15Nokho nginilobela kokunye ngesibindi ukuze nginikhumbuze ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu, 16ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.
17Ngakho-ke ngiyazigabisa kuKhristu uJesu mayelana nokukaNkulunkulu, 18ngokuba anginakuba nasibindi sokusho utho ngaphandle kwezinto uKhristu azenze ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangezenzo, 19ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo. 20Ngokwenza kanjalo ngangihlose ukushumayela lapho uKhristu ayengakaziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye. 21Kepha njengalokhu kulotshiwe ukuthi:
“Abangatshelwanga ngaye,
bayakubona; nabangezwanga, bayakuqonda.”
UPawula Ukhuluma Ngokuya ERoma
22Ngenxa yalokho, ngathiyeka kaningi ukuba ngize kini. 23Kepha manje, njengokuba ngingasenayo indawo kula mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini, 24ngiyokuza ngesikhathi ngiya eSpaniya. Ngokuba ngiyethemba ukuthi ekwedluleni kwami, ngizakunibona, bese nina ningiphelezela nxa senganelisekile ukuhlala nani. 25Kepha okwamanje ngisaya eJerusalema ukuyokhonza abangcwele. 26Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakhedoniya nabase-Akhaya ukuba banikelele abampofu okuthile kwabangcwele baseJerusalema. 27Lokho kwabajabulisa; phela kwakudingekile ngempela ukuba benze kanjalo. Ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, nabo kufanele ukuba babakhonze ngezinto eziphathekayo. 28Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule kini, ngiye eSpaniya. 29Ngiyazi ukuthi lapho ngiza kini, ngizakufika nokugcwala kwesibusiso sikaKhristu.
30Ngiyanincenga manje, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Khristu nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nibambisane nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu, 31ukuze ngiphephe engozini kulabo abangakholwayo baseJudiya nokuba inkonzo yami eJerusalema yamukeleke kwabangcwele, 32nokuthi ngize ngifike kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani. 33UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.