Intombi:
1Ngiyimbali yaseSharoni,
nomnduze wezimfunda.
Insizwa:
2Njengomnduze phakathi kwameva,
sinjalo isithandwa sami
phakathi kwezintokazi.
3Njengesihlahla samahhabhula
phakathi kwezihlahla ehlathini,
unjalo othandiweyo wami
phakathi kwezinsizwa.
Emthunzini wakhe,
ngahlala phansi ngokwenama,
isithelo sakhe sasimnandi
emlonyeni wami.
4Ungingenise endlini yewayini,
ibhanela lakhe,
phezu kwami, wuthando.
5Ngondle ngamakhekhe anamagilebhisi omisiwe,
ungivuselele ngamahhabhula,
ngokuba ngiyafa wuthando.
6Umkhono wakho wakwesokhohlo
ungumqamelo wekhanda lami
kuthi owangakwesokunene
ungigone ngawo.
7Ngiyaniyala madodakazi
aseJerusalema
ngezimpala nemigakla;
ningaluvusi uthando kungakabi yisikhathi,
Luyekeni luziqubukele lona.
Isihlabelelo Sothando Sentombi (2)
Intombi:
8Yizwi lothandiweyo wami lelo!
Bheka, weqa izintaba,
ugxuma phezu kwamagquma.
9Othandiweyo wami
ufana nensephe
noma isixhumo sendluzele.
Bheka, lona omi ngemuva
kodonga lwakwethu;
ugqolozele emafasiteleni,
upopola ngamakhethini.
10Othandiweyo wami
waphendula wathi kimi:
“Vuka sithandwa sami,
simomondiya sami,
woza sihambe.
11Ngokuba ubusika sebudlulile,
nemvula ayisekho, alisani;
12umhlaba usuhlobe ngezimbali,
isikhathi sokuthena imivini sesifikile,
sekuzwakala nomsindo wokulilizela kwamajuba
ezweni lakithi.
13Umkhiwane usuthelile,
amakhiwane aseluhlaza,
nemivini iyaqhakaza,
kuthaphuka iphunga layo.
Vuka sithandwa sami,
muhlekazi wami,
woza sihambe.”
Insizwa:
14Juba lami elisemifantwini yedwala
elisekusithekeni endaweni eyehlelayo,
mangikubone siqu sakho.
Mangizwe izwi lakho,
ngokuba izwi lakho limnandi,
nesiqu sakho siyabukeka.
15Sibambeleni izimpungushe,
amazinyane azo
angazoni izivini,
ngokuba izivini zethu zisaqhakaza.
Intombi:
16Othandiweyo wami ungowami,
nami ngingowakhe;
welusela phakathi kweminduze.
17Kuze kuphole ilanga,
namathunzi abaleke,
phenduka wena
othandiweyo wami,
ufane nensephe
noma nesixhumo sendluzele
ezintabeni ezimakhelekehle.