1 KuThimothewu 4
UPawula Ululeka UThimothewu Ngezinselelo Ebandleni
1Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni, 2ngenxa yobumbulu babaqambimanga, abashiswe uphawu kunembeza wabo. 3Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso. 4Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akukho nakunye okumele kulahlwe, uma kwamukelwa ngokubonga, 5ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko.
Isikhonzi Esihle SikaKhristu
6Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo. 7Kepha zale izinganekwane ezingcolileyo zezalukazi, nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, 8ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.
9Lithembekile leli lizwi, lifanele impela ukwemukelwa, 10ngokuba yilokho esikukhandlekelayo, nesikushikashikelayo; lokhu sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.
11Yala ngalezi zinto, futhi ufundise ngazo.
UPawula Ululeka UThimothewu Abe Yisibonelo
12Makungabi bikho muntu owedelela ubusha bakho, kodwa yiba yisibonelo kwabakholwayo ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokukholwa nangokuhlanzeka. 13Qikelela ukuba ufunde, uyale, ufundise, ngize ngifike. 14Ungasidebeseli isiphiwo sakho, owasiphiwa ngezwi elaphrofethwa, nangokubeka izandla ngamalunga.
15Yenza lezi zinto, uzinikele kuzo, ukuze ukuqhubekela phambili kwakho kubonwe yibo bonke. 16Ziqaphele wena nemfundiso, uphikelele kukho, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nalabo abakuzwayo.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.