Ukugula KukaHezekiya Nokuphulukiswa Kwakhe
1Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula; kwakwembulwa kwembeswa. Kwafika kuye u-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Yaleza endlini yakho, ngokuba awuyukusinda, uyakufa nokufa.’ ”
2Waphendula ubuso bakhe, wabheka ngasodongeni, wakhuleka kuSimakade, wathi: 3“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.”
UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.
4Kwathi u-Izaya engakaphumi emzini egcekeni elingaphakathi, izwi likaSimakade lafika kuye, lathi: 5“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade. 6Ngizokwengeza ezinsukwini zakho iminyaka eli-15, ngikusindise, wena nalo muzi, esandleni senkosi yase-Asiriya. Ngiyakuwuvikela lo muzi, ngenxa yami nangenxa yenceku yami, uDavide.” ’ ”
7U-Izaya wathi: “Lethani isigaxa samakhiwane.”
Basilanda-ke, base besibeka ethumbeni, wasinda.
8UHezekiya wayesethi ku-Izaya: “Siyakuba yini isibonakaliso esizongitshengisa ukuthi uSimakade impela uzongiphilisa, nokuthi ngiyokhuphukela endlini kaSimakade ngosuku lwesithathu na?”
9U-Izaya wathi: “Nasi-ke isibonakaliso sakho esivela kuSimakade: uSimakade uzokwenza lokho akushilo. Isithunzi siyakuya phambili izinyathelo, noma sihlehle izinyathelo ezilishumi.”
10UHezekiya wathi: “Kulula ukuba isithunzi seluleke izinyathelo ezilishumi, cha, isithunzi kungcono ukuba sihlehle izinyathelo ezilishumi.”
11Umphrofethi u-Izaya wakhala kuSimakade, uSimakade wasihlehlisa izinyathelo ezilishumi esabe sesedlule ngazo ezinyathelweni zika-Ahazi.
Izithunywa ZaseBhabhele
12Ngaleso sikhathi kwasuka uMerodaki Bhaladari, indodana kaBhaladani, inkosi yaseBhabhele, wathumela kuHezekiya izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi kade ebambekile. 13UHezekiya wabalalela, wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwakutholakala engcebeni yakhe. Akukho lutho olwalusesigodlweni sakhe nasembusweni wakhe wonke angazange abakhombise lona.
14Kwase kufika umphrofethi u-Izaya enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Bebezothini labo bantu, futhi bebevela kuphi na?”
UHezekiya wathi: “Bavela ezweni elikude, eBhabhele.”
15Wayesethi: “Ubakhombiseni esigodlweni sakho?”
UHezekiya wathi: “Ngibakhombise konke okusesigodlweni sami; akukho lutho engcebeni yami engingabakhombisanga lona.”
16U-Izaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaSimakade: 17nakanjani izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho okhokho bakho abakubekelela khona kuze kube namuhla, kuyakuthathwa, kuyiswe eBhabhele; akuyukusala lutho, kusho uSimakade. 18Amanye amadodana akho owazalayo ayothunjwa, abe ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhele.”
19UHezekiya wayesethi ku-Izaya: “Izwi likaSimakade alikhulume kimi, lingifanele.”
Ngokuba ngokucabanga kwakhe wayethi: “Pho kunani uma kuzokuba nokuthula nokuvikeleka ngezinsuku zami na?”
Ukukhothama KukaHezekiya
20Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo wonke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele, nokungenisa kwakhe amanzi emzini, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 21UHezekiya walaliswa kokhokho bakhe, uManase, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.