Ukubusiswa Kabusha Kwethempeli
(1 AMakh 4:36-61)
1UMakhabhizi nabalandeli bakhe, beholwa yiNkosi, balibuyisa ithempeli kanye nomuzi ongcwele; 2balibhidliza i-althare elalakhiwe ngabezizwe endaweni yomphakathi, babuye babhidliza namagumbi angcwele. 3Bayihlambulula indawo engcwele futhi benza elinye i-althare lemihlatshelo; base bokhela umlilo, banikela imihlatshelo emuva kweminyaka emibili kungasenzeki lokhu; banikela nempepho bakhanyisa nezibani babeka nesinkwa sobukhona bukaNkulunkulu. 4Lapho sebekwenzile lokhu, bawa balala cu ngezisu bayinxusa iNkosi ukuba bangaphinde neze bawele emashweni anje, kodwa, uma bephinda bona, ibajezise ngokubabekezelela ingabanikeli esandleni sabahlambalazi nezizwe ezingamaqaba.
5Kwenzeka ukuba ngosuku indawo engcwele eyangcoliswa ngalo ngabezizwe, ibuye ihlanjululwe ngalo, okungukuthi, ngosuku lwama-25, ngayo leyo nyanga, okwakunguKhislevi. 6Bagubha umkhosi ngokujabula izinsuku eziyisishiyagalombili, njengoba benza ngomkhosi wamadokodo, ngokuba babekade bentaza ezintabeni bequba emigedeni njengezilwane zasendle. 7Ngakho-ke, bamhubela amahubo okubonga, bethwele imigexo yokwenziwe ngamazinyo endlovu kanye nezixha zamasundu, bembonga ngokwenza babe nempumelelo ekuhlanjululweni kwendawo yakhe engcwele. 8Balumisa ngokwesinqumo somphakathi, nangokuvumelana nevoti, ukuthi isizwe sonke sabaJuda simelwe sigcine lezi nsuku minyaka yonke.
UPhitholemi Makharoni Uyazibulala
9Saba njalo-ke isiphetho sika-Antiyokhusi owayebizwa ngokuthi ngu-Ephifanesi. 10Manje-ke sesizakunazisa ukuthi kwenzakalani phansi kukaSimoni-Antiyokhusi Ewuphathori, owayeyindodana yaleyo ndoda eyayingalungile, futhi sizakunikhinindela ngokufinqiwe ngencithakalo yezimpi ezibalulekile. 11Le ndoda, lapho isithathe isihlalo sombuso, yaqoka uLusiyase ukuba aphathe uhulumeni nokuba abe ngumbusi omkhulu waseKholesiriya naseFonesiya. 12UPhitholemi, owayebizwa ngoMakharoni, waba ngowokuqala ukwenza ubulungiswa kubaJuda ngenxa yezinto ezimbi ezazenziwe kuwo, futhi wazama ukugcina ubudlelwano nokuthula phakathi kwabo. 13Ngokwenze njalo wamangalelwa ngabangani benkosi phambi kuka-Ewuphathori. Wazithola esebizwa ngembuka noma kuphi lapho ayehamba khona, ngokuba wayeyekele neKhuphro uFilomethori ayelibeke kuye, wahamba waya ku-Antiyokhusi Ephifanesi. Engasakwazi ukuthola ukuhlonishwa okwakufanele isikhundla sakhe, wazibulala ngokudla ubuthi.
UJudase Wehlula Abase-Idumeya
(1 AMakh 5:1-8)
14Lapho uGogiyase esengumbusi waleso sifunda, wawugcina umbutho wamabutho akhokhelwayo avela kwezinye izizwe, futhi kwathi ngazikhathi ezithile wade ehlasela abajuda. 15Ngaphandle kwalokhu, abase-Idumeya ababephethe izinqaba ezibalulekile, babehlukumeza abajuda; babemukela labo ababedingisiwe eJerusalema, futhi bayiqhuba impi phakathi kwabo. 16Kodwa uMakhabhizi namabutho akhe, emuva kokumnxusa ngokuthobeka uNkulunkulu ukuba ame nabo empini, baphuma ngokushesha banikela ezinqabeni zabase-Idumeya. 17Babahlasela ngomkhulu umfutho, bazidla izindawo, babehlula bonke ababelwa besezingangeni, babulala labo abahlangana nabo, ababengengaphansi kwezinkulungwane ezingama-20. 18Abayizi-9 000 babaleka bayobhaca ezinqabeni ezazinezikhali ezanele ukuba bangabhekana nokuhlaselwa.
19UMakhabhizi washiya uSimoni noJosefa, kanye noZakewu namabutho akhe, impi eyayanele ukuba bangawuhlasela bawunqobe umuzi; yena wanikela ezindaweni lapho ayedingeke khona kakhulu. 20Kepha labo ababenoSimoni, abathanda imali, bathengwa ngabanye balabo ababesemboshongweni, emva kokuthola izi-7 000 zama drakhima, base bebavumela abanye ukuba bamonyuke baphume. 21Ngesikhathi uMakhabhizi ezwa ukuthi kwenzakaleni, wabutha abaholi babantu, wawamangalela lawa madoda ngokuthi adayise ngesizwe sakubo ngenxa yemali ngokuba akhulule isitha sabo ukuze silwe nabo. 22Wawabulala la madoda ayephendukele isizwe sawo njengemambuka, kwase kuthi masinyane bayidla imibhoshongo. 23Ngenxa-ke yempumelelo ababenayo empini yezikhali nakukho konke ababezimisela ukukwenza, wabhubhisa abangaphezu kwezinkulungwane ezimbili kuzo zombili izinqaba.
UJudase Wehlula UThimothewu
24UThimothewu, owayehlulwe ngabajuda ngaphambili, wabutha impi eyesabekayo yabezizwe abakhokhelwayo futhi wahlanganisa abamahhashi abaningi bevela kwelase-Asiya. Weza, ehlose ukuhlasela iJudiya ingazelele. 25Esasondela, uMakhabhizi kanye namadoda ayehamba nawo bazithela ngothuli emakhanda babopha izinkalo zabo ngamasaka, bemnxusa uNkulunkulu. 26Bawa ngobuso phambi kwesitebhisi se-althare bamncenga ukuba abe nesihawu kubo nokuba amelane nezitha zabo abe yisitha sezitha zabo, njengoba usho umthetho. 27Bathi ukuba basuke emkhulekweni bahloma izikhali zabo baphuma bahamba ibanga elide besuka emzini ukuyobhekana nezitha zabo, lapho sebefikile eduze nesitha bagoba amadlangala.
28Ekuthatheni kokusa, yatholana phezulu, enye ingethembile nje kuphela ukuphumelela nokunqoba ngamandla ayo kodwa yethembele eNkosini, ibe enye ithukuthelise umholi wayo empini. 29Lapho iqina impi, eyesitha yabona amadoda amahlanu ayehola eyabaJuda egibele amahhashi omlilo afake amatomu egolide evela ezulwini. 30Amabili athatha uMakhabhizi phakathi kwawo, emvikela ngezikhali nangezivikelo zawo enza ukuba angalimali. Aqhulula intululwane yemicibisholo esitheni, kwaze kwathi sesididekile futhi singasaboni, sadidizela, basishaya basenza izicucu. 31Kwabulawa abayizi-25 000 ngaphandle kwabamahhashi abangama-600. 32UThimothewu uqobo wabalekela enqabeni ebizwa ngokuthi iGazara, eyayivikelwe kahle kakhulu, lapho uKhayereyase ayengumkhuzi wempi khona. 33UMakhabhizi namabutho akhe bathokoza, bayivimbezela inqaba izinsuku ezine. 34Amadoda ayethembele ekuvikelekeni namandla enqaba, aqhubeka ebathuka ehlambalaza futhi ekhuluma amazwi amabi kakhulu.
35Kepha entathakusa ngosuku lwesihlanu, izinsizwa ezingama-20 emabuthweni kaMakhabhizi, zithukutheliswe yilokhu kuhlambalaza, zaphonseka ogangeni ngesibindi, zaqobaqoba yinoma yimuphi ezahlangana naye. 36Abanye abeza ngaleyo ndlela basizungeza isitha bathungela imibhoshongo ngomlilo; babasa umlilo babashisa abahlambalazi bephila. Abanye bephula amasango avuleka, bayingenisa yonke impi, bawudla umuzi. 37Bambulala uThimothewu owayebhace emthonjeni kanye nomfowabo uKhayereyase kanye no-Apholofanesi. 38Lapho sebeqedile ukwenza lezi zinto, bamdumisa ngamahubo uNkulunkulu, okhombise umusa ongaka ku-Israyeli futhi omnikeze ukunqoba.