UJeremiya Ufihla Ithende Lobukhona BukaNkulunkulu
1“Kuyatholakala nasemininingwaneni egciniwe ukuthi uJeremiya umphrofethi wabayala labo ababethunjwa ukuba bathathe ingxenye yomlilo, njengoba sekushiwo. 2Lo mphrofethi, emuva kokunikeza umthetho, nokufundisa labo ababethunjwa, wabayala ukuba bangayikhohlwa imiyalo yeNkosi, noma bedukisiwe emicabangweni yabo ngukubona izithombe zegolide nesiliva nemvunulo yazo. 3Wabayala nangamanye amazwi afana nalawo ukuba umthetho ungasuki ezinhliziyweni zabo. 4Kwakukuwo futhi lowo mquli lapho umphrofethi okwathi esetholile isibonakaliso, wayala ukuba ithende kanye nomphongolo wesivumelwano kulandele naye ngemuva, nokuthi wenyukela entabeni lapho uMose aya khona waze wabona ifa lobuNkulunkulu. 5UJeremiya wafika wafumana umgede wokuhlala, waletha lapho futhi ithende nomphongolo wesivumelwano kanye ne-althare lempepho; wabe eseyawuvala umnyango womgede. 6Abanye balabo ababemlandela beza benenhloso yokukanisa ukuthi indlela ihamba-phi, kodwa abayitholanga. 7Lapho uJeremiya ezwa ngalokhu, wabathethisa wabatshela ukuthi: ‘Indawo iyakuhlala ingaziwa aze uNkulunkulu abuyise abantu bakhe akhombise isihawu sakhe. 8Lapho-ke uNkulunkulu uyakubambulela lezi zinto, futhi inkazimulo kaNkulunkulu kanye nefu kuyakuvela, njengoba babekhonjisiwe ngesikhathi sikaMose, nanjengoba uSolomoni wacela ukuba indawo ingcweliswe kuSimakade.’ ”
Umkhosi Wokubusiswa Kwendlu
9“Kwacaciswa futhi ukuthi egcwele inhlakanipho wanikela ngemihlatshelo yokubusiswa nokuqeda kokwakhiwa kwethempeli. 10Njengoba noMose akhuleka eNkosini, umlilo wehla uvela ezulwini waqothula umhlatshelo, kanjalo noSolomoni wakhuleka, wehla umlilo wawuqothula umhlatshelo wokushiswa. 11UMose wathi: ‘Uqothuliwe ngenxa yokuba umnikelo wesono wawungadliwanga.’ 12Kanjalo noSolomoni wazigcina izinsuku eziyisishiyagalombili.”
Umtapo Wemiqulu KaNehemiya
13“Ukhona umbiko ofanayo emiqulwini eqophe inkumbulo kaNehemiya, wokuthi wakha indlu yomtapo wemiqulu, waqoqa zonke izincwadi zamakhosi nabaphrofethi, nemibhalo kaDavide, kanye nezincwadi zamakhosi ezimayelana neminikelo yokugcwalisa izifungo. 14Kanjalo noJudase waqoqa zonke izincwadi ezazilahlekile ngenxa yezimpi ezazibehlele, nazo sezikithi. 15Ngakho-ke uma nizidinga, thumelani abantu ukuba banitholele zona.”
Isimemo Sokugubha Umkhosi
16“Ngakho-ke njengokuba, sekusondele ukuba sigubhe umkhosi wokuhlanzwa, siyanibhalela. Sengathi nani ningalugcina lolu suku. 17NguNkulunkulu osindise bonke abantu bakhe, walibuyisa ifa kubo bonke, kanjalo nobukhosi nobuphristi nokungcweliswa, 18njengoba ethembisa emthethweni wakhe. Sinethemba kuNkulunkulu lokuthi akuzukuba sikhathi abe nomusa kithi futhi asibuyise kuzo zonke izindawo phansi kwezulu esibuyisela kule ndawo engcwele, ngokuba usikhululile ebubini obukhulu futhi wayihlanza le ndawo.”
Amazwi Ombhali Okwandulela
19Indaba kaJudase Makhabhizi nabafowabo, kanye nokuhlanzwa kwethempeli elikhulu, nokubusiswa kwe-althare, 20nezimpi abazilwa no-Antiyokhusi Ephifanesi nendodana yakhe u-Ewuphathori, 21kanye nomfanekiso owavela ezulwini kulabo abalwa ngesibindi belwela ubuJuda, ukuze nanxa babeyingcosana bathathe izwe lonke futhi baxoshe amaqaba abezizwe, 22laphinde labuyela kubo ithempeli lodumo emhlabeni wonke, wakhululwa nomuzi, yaphinde yamiswa nemithetho okwase kusele kancane iqedwe, neNkosi ngokulunga kwayo yaba nesisa kubo, 23konke lokhu, okwaqoshwa kuJasoni waseKhurene emiqulwini emihlanu, sizozama ukukufaka emqulwini owodwa. 24Ngokuba lapho sibheka ubuningi bokubhala okumele kwenziwe nobunzima obukhona kulabo abafuna ukubhala imilando ngenxa yobuningi bolwazi, 25sizibekele umgomo wokuba sithokozise labo abazimisele ukufunda, nokwenza kube lula kulabo abazimisele ukulwazi ngekhanda lolu lwazi, nokuba kusizakale bonke abafundayo.
26Thina esizinike lo msebenzi wokufinyeza siyazi ukuthi akusiyona into encane lena kodwa ibiza ukujuluka nokungalali, 27njengoba kungelula kulowo olungisa idili futhi efuna inzuzo yabanye. Noma kunjalo, ukuze sibe nokubongwa ngabaningi sizakuwenza ngenjabulo lo msebenzi ongemnandi, 28sizoshiya umsebenzi wemininingwane njengoba injalo kulowo ozakuwuhlanganisa lo mqulu wencwadi. Thina sizakuzama kuphela ukuba sifinyelele ekwenzeni uhlaka lwalokhu kufinyezwa kwale miqulu. 29Njengokuba uchwepheshe owakha indlu entsha emelwe ukukhathazeka ngokwakha konke, lowo ozopenda yena ukhathazeka ngalokho okwenza ubuhle, ngokubona kwami unjalo umsebenzi wethu.
30Kungumsebenzi wombhali womlando ukuba abuke isithombe sonke, aluxoxe udaba elubuka macala onke, nokuba azikhathaze ngemininingwane, 31kodwa lowo oyiphindayo indaba kufanele avunyelwe ukuba alwele ukufinyeza lokhu okushiwoyo nokuba angagxili emininingwaneni eminingi. 32Njengoba sesilapha kuhle siqale umlando wethu, ngaphandle kokunezelela kulokho osekushiwo ngaphambili; ngokuba kuyoba ngubuphukuphuku ukwelula isingeniso bese sifinyeza umlando uqobo.