Unina Namadodana Akhe Bafela Inkolo Yabo
1Kwenzeka ukuba izinsizwa eziyisikhombisa nonina zibanjwe futhi ziphoqwe yinkosi ngesihluku esikhulu, zishaywa, ukuba zihlanganyele ekudleni inyama yengulube eyayingekho emthethweni kubo ukuyidla. 2Omunye wabo ekhuluma egameni labo bonke, wathi: “Yini enifuna ukuyibuza nokuyifunda kithi na? Ngokuba sikulungele ukufa kunokuba sephule umthetho wawokhokho.”
3Inkosi yathukuthela yagana unwabu, yayala ukuba kushisiswe amapani nezimbiza zamanzi abilayo. 4Zashisiswa lezi zinto ngokushesha, yayisiyala inkosi ukuba ulimi lwalowo owayebakhulumela lunqunywe nokuba bamhlubule isikhumba sekhanda futhi bamnqume izandla nezinyawo, bebukela abafowabo nonina. 5Lapho engasakwazi kwenza lutho, inkosi yabayala ukuba bamthathe bamuse emlilweni, esaphefumula, bamphonse epanini. Intuthu eyavela epanini yagcwala indawo yonke, kodwa abafowabo nonina bagqugquzelana ukuba bafe ngokuhlonipheka, bethi: 6“INkosi uNkulunkulu iyasibona futhi ngokweqiniso inesihawu kithi, njengoba uMose ehubeni lakhe afakaza etshela abantu ezikabhoqo, ethi, ‘Uyakuba nesihawu ezincekwini zakhe.’ ”
7Emva kokuba owokuqala kubafowabo esefe ngale ndlela, baletha ngaphambili owesibili ukuqhubeka nomdlalo wabo. Bamhlubula isikhumba sekhanda kanye nezinwele, base bembuza: “Uzokudla noma uthole isijeziso sokuba unqunywe isitho ngesitho na?”
8Waphendula ngolimi lwawo khokho bakhe wathi: “Qha”. Ngakho-ke naye ngokufanayo wahlukunyezwa njengomfowabo wokuqala. 9Lapho sekusele umndondo wathi: “Nina baqalekisiweyo niyasibulala nisishiyisa lokhu kuphila kodwa iNkosi yomhlaba iyakusivusa isivusela ekuphileni okusha kwaphakade, ngokuba sifele umthetho wayo.”
10Emva kwakhe kwalethwa nowesithathu. Lapho kugcizelelwa, walukhipha ngokushesha olwakhe ulimi futhi ngesibindi welula izandla zakhe, 11wathi ngenkulu inhlonipho: “Ngazithola lezi ezulwini, kodwa ngenxa yomthetho wakhe angizishayi mkhuba, futhi ithemba lami lingukuthi ngiyozithola futhi kuye.”
12Inkosi nalabo ababenayo bamangala kakhulu bebona isibindi sale nsizwa, ngokuba ukuhlupheka kwayo yakushaya indiva. 13Emva kokuba nayo isifile, bamhlukumeza nowesine ngokufanayo. 14Naye lapho sekusondele ukuba afe, wathi: “Akukho muntu ongekhethe ukufela ezandleni zabantu abe enethemba alinikwa nguNkulunkulu lokuthi uyakuvuswa kwabafileyo. Kodwa nina akuyikuba khona kini ukuvukela ekuphileni!”
15Base beletha umfowabo wesihlanu, naye bamhlukumeza. 16Kodwa wayigqolozela inkosi, wathi: “Ngenxa yokuba unegunya phakathi kwabantu, nanxa nawe ungumuntu, wenza okuthandayo. Kodwa ungacabangi ukuthi uNkulunkulu ubalahlile abantu bakithi. 17Qhubeka, uzakubona ukuthi uzakukuhlukumeza kanjani ngamandla akhe wena kanye nesizukulwane sakho!”
18Emva kwakhe baletha nomfowabo wesithupha. Lapho esezokufa, wathi: “Ningazikhohlisi ngobala. Ngokuba siyahlushwa ngalezi zinto ngenxa yokwenza kwethu; nangenxa yokona kwethu eNkosini uNkulunkulu wethu. Ngaleso sizathu izinto ezethusayo zisehlele. 19Ungacabangi ukuthi awunakujeziswa ngokuzama ukulwa noNkulunkulu!”
20Unina wabenza abantu bakhexa umlomo futhi ufanele ukukhunjulwa ngenhlonipho. Nakuba ayewabonile amadodana akhe ayisikhombisa efa ngosuku olulodwa, wakuthwala lokho ngesikhulu isibindi ngenxa yethemba lakhe eNkosini. 21Wabagqugquzela bonke ngolimi lwawokhokho babo. Egcwele umoya wokuhlonipheka, nesibindi okungathi ngesendoda, wakuqinisa ukucabanga kwakhe njengomuntu wesifazane wathi kubo: 22“Angazi nafinyelela kanjani ukuba sesizalweni sami. Kepha kwakungemina enganinika ukuphila nokuphefumula, kwakungemina owaninika konke okukini ngamunye. 23Ngakho-ke uMdali womhlaba, owenza isiqalo sesintu wenza nesiqalo sakho konke, uyakuninika ngokwesihawu sakhe ukuphila kanye nokuphefumula, ngokuba nizikhohliwe nina ngenxa yomthetho wakhe.”
24U-Antiyokhusi wabona sengathi inokumedelela le nkosikazi, futhi izwi layo lalinokusolisa ukuthi liphendula yena. U-Antiyokhusi kagcinanga nje ngokumncenga uthunjana wezinsizwa zale nkosikazi owayesaphila, kodwa wafunga emethembisa ukuthi uyakumenza acebe nokuba bonke bafise ukuba nguye kuphela nje uma engashiya izindlela zawokhokho bakhe, nokuthi uyakumthatha njengomngani wakhe, amphathise izindaba zomphakathi. 25Lokhu le nsizwa ingafunanga ngisho ukumlalela nakancane, inkosi yabiza unina yamncenga ukuba eluleke indodana yakhe ukuze izisindise. 26Emva kokuba inkosi isimncenge kakhulu, wazama ukuyincenga indodana yakhe. 27Kodwa wasondela sakweyama kuyo, wakhuluma ngolimi lwakubo, eyedelela le nkosi enesihluku, wathi: “Ndodana yami, uze ungihawukele. Ngakuthwala izinyanga eziyisishiyagalolunye esizalweni sami, ngakunakekela iminyaka emithathu, ngakukhulisila uze ube ngaka, futhi ngakondla. 28Ngiyakuncenga, mntanami, ukuba ubuke izulu nomhlaba ubone konke okukukho, ubone ukuthi uNkulunkulu kakwenzanga konke ngalokho okwakuvele kukhona. Nesintu savela ngokufanayo. 29Ungamesabi lo mbulali, kodwa zibonakalise ufanele ukuba nabafowenu abanjengalaba abangasekho. Kwemukele ukufa, ukuze kuthi ngomusa kaNkulunkulu ubuyiselwe kimi, wena nabafowenu.”
30Esakhuluma, insizwa yakhe yathi: “Nilindeni? Anginakusilalela isiyalo senkosi, ngiyakulalela ukuyala komthetho owanikezwa okhokho ngoMose. 31Kodwa wena, owenze bonke lobu bubi kumaHeberu, awunakuphunyuka esandleni sikaNkulunkulu. 32Ngokuba thina sihlupheka ngenxa yezono zethu. 33Uma uNkulunkulu wethu ophilayo esithukuthelele isikhashana, ukuba asiyale asijesize, uyakubuye abuyisane nezinceku zakhe. 34Kepha wena, ndoda engalungile, wena ongcole ukwedlula bonke abaphilayo, ungabi nakuthokoza okungenasisekelo futhi ungakhukhumali ngethemba elingekho lapho uphakamisa isandla sakho ukubulala abantwana basezulwini. 35Awukaphunyuki ekwehluleleni kukaSomandla, uNkulunkulu obona konke. 36Ngokuba abafowethu emva kokubekezela isikhashana baphuzile emthonjeni ogobhozayo wokuphila, phansi kwesivumelwano sikaNkulunkulu; kodwa wena, ngokwahlulela kukaNkulunkulu, uyakwemukela isijeziso esikufaneleyo ngokuzithwala kwakho. 37Mina, njengabafowethu, ngiyawunikela umzimba wami nokuphila kwami ngenxa yemithetho yawokhokho bethu, ngimncenga uNkulunkulu ukuba akhombise ngokushesha isihawu sakhe esizweni sakithi ukuze kuthi nangalezi zinhlupho nesishayo anenze nimvume ukuthi yena yedwa unguNkulunkulu, 38kuze kuthi ngami nangabafowethu luqedwe ulaka luka Somandla olwehlele isizwe sonke sakithi.”
39Inkosi yathukuthela kakhulu, yamphatha kabi kakhulu kunabanye, ithukutheliswe kakhulu ukuyedelela kwakhe. 40Ngakho-ke wafa njengendoda, ebeke ithemba layo lonke kuNkulunkulu. 41Okokugcina, nonina wabulawa, emuva kwamadodana akhe. 42Sekwanele, ngezokudliwa kwemihlatshelo kanye nokuhlukunyezwa okungachazeki.