Incwadi KaJeremiya
1Ikhophi yencwadi kaJeremiya ayithumela kulabo ababethunjelwe eBhabhiloni yinkosi yaseBhabhiloni, ukudlulisa umyalezo uNkulunkulu ayemyalele wona. 1Ngenxa yezono enizenzileyo phambi kukaSimoni Nkulunkulu, niyakuthunjelwa eBhabhiloni njengezigqila nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhiloni. 2Ngakho-ke nxa senifikile eBhabhiloni niyakuhlala lapho iminyaka ngeminyaka, kuze kube yisizukulwane sesikhombisa, emva kwalokho ngiyakunibuyisa lapho ngokuthula. 3Ngakho-ke eBhabhiloni niyakubona onkulunkulu abenziwe ngesiliva nangegolide nangokhuni, abantu ababathwala emahlombe abo, futhi abenza abangakholwa bagcwale ukwesaba.
4Ngakho-ke xwayani ningaze nafana nabezizwe noma nivumele uvalo lwabo ngalabo nkulunkulu lubambe nina 5lapho nibona izixuku phambi nangemuva kwabo zibakhulekela. Nina anothi ezinhliziyweni zenu, “Nguwe wedwa, Nkosi esifanele ukumkhonza.”
6Ngokuba ingelosi yami inani futhi iyiqaphile imiphefumulo yenu. 7Ulimi lwabo lulolongiwe ngumbazi, futhi nabo bembathisiwe ngegolide nesiliva; kodwa nokho bayize futhi kabakwazi nokukhuluma 8njengokuba abantu benokwenzela intombazane ubucwebe bokuhloba kanjalo bathatha igolide benze imiqhele yamakhanda onkulunkulu babo. 9Ngesinye isikhathi abaphristi bathatha igolide nesiliva ngasese konkulunkulu babo balisebenzisele imisebenzi yabo 10noma badize ngelinye lalo ezifebeni zasethempelini. Bembathisa onkulunkulu babo ngemvunulo njengoba benza kubantu; labo nkulunkulu besiliva negolide nokhuni 11kabakwazi ukuzisindisa bona ekugqwaleni nasenundwini. Lapho sebegqokisiwe ezibubende 12ubuso babo buyesulwa ngenxa yezintuli zasethempelini, ezilugqinsi phezu kwabo. 13Omunye wabo uphethe intonga, njengomahluleli wesifunda, kodwa kanamandla okubhubhisa noma ngubani omedelelayo. Omunye uphethe isizenze esandleni sakhe sokunene, kanye nezembe, kodwa kakwazi ukuzivikela empini nakubaphangi.
14Uma sibheka lokhu, kusobala ukuthi kabasibo onkulunkulu; ngakho-ke ningabesabi. 15Ngokuba njengokuba isitsha somuntu singenamsebenzi nxa sephukile banjalo nonkulunkulu babo lapho sebebekwe emathempelini. 16Amehlo abo agcwele uthuli, oluthunquzwe yilabo abangena ethempelini. 17Futhi njengokuba amasango evalwa nxazonke kunoma ngubani owedelele inkosi, ngokungathi ugwetshwe intambo, ngakho-ke abaphristi benza amathempeli abo aqine ngeminyango, nangonobhadula bezinsimbi, ukuze izinswelaboya zingebi kuwo. 18Babakhanyisela izibani ngobuningi bazo, nakuba onkulunkulu babo bengaboni kunokuba bazikhanyisele bona uqobo. 19Bafana nensika yasethempelini, kodwa abantu bathi inhliziyo yabo idliwa iqedwe izinambuzane zasemhlabeni, zidla izingubo zabo kodwa abakuboni ukuthi kusho ukuthini lokho. 20Ubuso babo bufuswe yintuthu yasethempelini. 21Amalulwane, nezinkonjane, nezinyoni zikhwela phezu kwemizimba yabo nasemakhanda abo, kanjalo namakati.
22Uma ubheka konke lokhu kusobala ukuthi kabasibo onkulunkulu; ngakho-ke ningabesabi. 23Angisaphathi negolide abagqokiswa lona ukuze babe bahle – alinakucwebezela ngaphandle kokuba kukhona olesula uthuli, kanjalo nalapho zisabazwa, zazingezwa lutho. 24Abantu bazithenga ngaphandle kokuba banake ukuthi zibiza kangakanani, futhi akukho mphefumulo kuzo. 25Ngenxa yokuba zingenamilenze, zithwalwa emahlombe ngabanye, okukhombisa isintu ukungasho lutho kwazo. Futhi labo abazikhonzayo bathelwa ngehlazo 26ngenxa yokuba uma omunye walaba onkulunkulu ewela phansi, kudinga bona uqobo ukuba bamphakamise, uma omunye emmisa amqondise, akakwazi ukuzinyakazisa, futhi uma etshekile akakwazi ukuziqondisa. Kubekwa izipho phambi kwabo njengoba kwenziwa kwabafileyo.
27Abaphristi bayayidayisa imihlatshelo enikelwe kulabo nkulunkulu basebenzise imali abayitholile kwezabo izidingo. Ngokunjalo nomkabo bagquma enye inyama ngosawoti, kodwa kungabikho lutho abalunika abampofu nabangakwazi ukuzisiza. 28Imihlatshelo eyenzelwa labo nkulunkulu inokuthintwa ngisho nangabesifazane besesikhathini noma besanda kubeletha. Ngalezi zinto uyobona ukuthi azisibo onkulunkulu, ungazesabi. 29Ngokuba kukanjani ukuba babizwe ngonkulunkulu na? Abesifazane babenzela ukudla labo nkulunkulu besiliva negolide kanye nokhuni 30futhi emathempelini abo abaphristi bahlala begqoke izingubo ezidabukile, amakhanda nezintshebe zabo kugundiwe, futhi engamboziwe amakhanda abo.
31Bayaklewula bamemeze phambi konkulunkulu babo njengoba abanye benza emadilini emingcwabo. 32Abaphristi bathatha ezinye zezimpahla zalabo nkulunkulu ukuba bagqokise abafazi babo nezingane zabo. 33Noma ngabe umuntu enza okuhle noma okubi kubo abakwazi ukuphindisela. Abakwazi ukumisa inkosi noma bayehlise esihlalweni. 34Ngokunjalo abakwazi nokunika ingcebo noma imali; uma umuntu enza isifungo kubo angasifezi, abakwazi ukusifuna kuye. 35Abakwazi kusindisa muntu ekufeni noma bophule obuthakathaka konamandla, 36abakwazi ukwenza izimpumputhe zibone; abakwazi ukophula abasosizini. 37Abakwazi ukuba nozwelo kumfelokazi noma benze okuhle entandaneni. 38Labo nkulunkulu abenziwe ngokhuni bacakwa ngegolide nesiliva bafana namatshe asentabeni, labo ababakhonzayo bayakuthelwa ngehlazo.
39Kungani pho ukuba kube khona abacabanga ukuthi bango nkulunkulu noma abababiza ngonkulunkulu na? Nangaphezu kwalokho, ngisho amaKhaledi imbala awabahloniphi; ngokuba nokuba bebona okuthile kabakhulumi, baletha uBeli bakhuleke ukuba ongakhulumi akhulume, ngokungathi uBeli unakho ukuqonda. 40Nabo ngokunjalo abakuboni lokhu ukuze babashiye, ngokuba abanangqondo. 41Nabesifazane bezigige ngezintambo, bahlala begudle umhubhe, beshisa ubhurandi njengempepho. 42Lapho omunye wabo eholwa ngomunye wabedlulayo ukuba ayolala naye, ubukela phansi abehlezi eduze kwakhe, ngokuba ebengemuhle njengaye futhi nentambo yakhe ingagqashulwanga.
43Konke okwenzelwa lezi zithombe kuyinkohliso. Kungani pho ukuba kube khona abacabanga ukuthi bango nkulunkulu noma abazibiza ngokuthi ngonkulunkulu na? 44Zenziwe ngababazi nabacangcathi; azikwazi ukuba lutho ngaphandle kwalokho okufiswe ngumbazi.
45Labo abazenzile abakwazi bona uqobo ukuphila isikhathi eside, 46kwenzeka kanjani pho ukuba izinto ezenziwe yibo kuthiwe zingo nkulunkulu na? Bashiye inkohliso nesinengiso beshiyela abeza emva kwabo. 47Ngokuba lapho kuqubuka impi noma behlelwa sigemegeme esikhulu, abaphristi bahlanganisa amakhanda bebuzana ukuba bangayogwaca kuphi bona nonkulunkulu babo. 48Kwenzeka kanjani pho ukuba umuntu ehluleke ukubona ukuthi lezi zinto akubona onkulunkulu na? Ngokuba abakwazi nokuzisindisa bona uqobo empini nasenhlekeleleni, 49ngenxa yokuba benziwe ngokhuni futhi bacakwa ngegolide nesiliva, kuyakuvela obala emva kwesikhathi ukuthi bayinkohliso. 50Kuyakuba sobala kuzo zonke izizwe namakhosi ukuthi kababona onkulunkulu, kodwa imisebenzi yezandla zabantu, nokuthi akukho kubo okungumsebenzi kaNkulunkulu.
51Ngubani pho ongehluleka ukubona ukuthi kababona onkulunkulu na? 52Ngokuba kabakwazi ukubeka inkosi noma banike imvula kubantu.
53Abakwazi nokwahlulela eyabo indlela noma bophule lowo okwenziwe okungalungile kuye, ngokuba bengenamandla. 54Bafana namagwababa phakathi kwezulu nomhlaba. Lapho kuqubuka umlilo ethempelini lalabo nkulunkulu bokhuni abacakwe ngegolide noma ngesiliva, abaphristi babo bayabaleka ukuze baphephe kepha kuthi labo nkulunkulu bashe njengezingodo ezisetshenziswe ekwakheni ithempeli.
55Nangaphandle kwalokho, kabakwazi ukubhekana nankosi ehlaselayo noma isitha. Kungani pho ukuba abantu bavume noma bacabange ukuthi bango nkulunkulu na? 56Onkulunkulu abenziwe ngemithi bacakwa ngesiliva negolide kabanamandla okuzisindisa emaseleni noma kubaphangi. 57Noma ngubani onamandla okuxebula igolide nesiliva kanye nezingubo abazigqokileyo, ahambe nayo yonke impango, abakwazi ukuzisiza bona uqobo.
58Kungcono ukuba yinkosi ekhombisa isibindi, noma isitsha sasendlini esisiza umniniso ezidingweni zakhe, kunokuba yilabo nkulunkulu benkohliso; ungcono ngisho umnyango wendlu okwazi ukuvikela impahla engaphakathi, kunalabo nkulunkulu abayinkohliso; ingcono ngisho insika yomuthi esesigodlweni senkosi, kunalabonkulunkulu. 59Ngokuba ilanga nenyanga nezinkanyezi kuyakhanya, futhi lapho kuthunyiwe ukuyokwenza umsebenzi kuyalalela.
60Kanjalo nonyazi, lapho luphazima, lubonwa ezindaweni eziningi; nomoya ngokunjalo uphephetha emazweni amaningi. 61Lapho uNkulunkulu eyala amafu ukuba ahambe phezu komhlaba wonke, enza njengoba eyaliwe, 62nomlilo othunyiwe uvela kweliphezulu ukuba udle izintaba namahlathi, wenza njengokuba uyaliwe. Kodwa lezi zithombe azinakuqhathaniswa nakho konke lokhu ngokubukeka nangokwamandla. 63Ngakho-ke umuntu akangacabangi ukuthi onkulunkulu laba, noma ababize ngonkulunkulu, ngokuba abakwazi ukwahlulela icala kumbe ukwenzela noma ngubani okuhle. 64Ngenxa yokuba uyazi ukuthi abasibo onkulunkulu, ungabesabi, 65abakwazi kuqalekisa nakubusisa amakhosi, 66abakwazi nakuvezela izizwe izibonakaliso ezulwini, noma bakhanyise okwelanga kumbe banikeze ukukhanya njengenyanga.
67Izilwane zasendle zingcono kunabo, ngokuba ziyakwazi ukubaleka zicashe, ngaleyo ndlela zizisize. 68Ngakho-ke asinabufakazi nobunci bokuthi ngonkulunkulu laba, ngakho-ke ningabesabi. 69Njengesichuse embhedeni wamakhukhumba, esingalindi lutho, banjalo nonkulunkulu bokhuni abacakwe ngegolide nesiliva. 70Ngokufanayo nonkulunkulu babo bokhuni, abacakwe ngegolide nesiliva, bafana nesihlahla sameva ensimini okuhlala kuso zonke izinyoni ezomile; noma bafana nesidumbu esijikijelwe ngaphandle ebumnyameni. 71Nxa ubona okububende kanye nelineni libolela kubo lokho kuyokwenza wazi ukuthi kabasibo onkulunkulu; futhi isigcino sabo ngukubhujiswa, babe yisicunulo ezweni. 72Ngakho-ke, ungcono umuntu oqotho ongakhonzi izithombe, lowo muntu kasoze agxekwa muntu.