Isiphrofetho NgeGibhithe
1Ngonyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngosuku lwe-12 enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuFaro, inkosi yaseGibhithe, uphrofethe umelene naye nalo lonke iGibhithe, 3ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Faro,
nkosi yaseGibhithe,
silwanekazi sasolwandle,
obuthisa emifuleni yakho, uthi:
“ ‘ “Umfula ungowami,
ngiwenze mina.”
4“ ‘Ngiyakufaka amahhuku emihlathini yakho,
nginamathelise izinhlanzi zemifula yakho
ezingcwecweni zakho,
ngikukhuphule emifuleni yakho
nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho
ezinamathele ezingcwecweni zakho.
5Ngiyakukulahla ehlane,
wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho,
uwe ebusweni bomhlaba;
awuyukubuthwa, noma ucoshwe;
ngiyakukunikela ezilwaneni zomhlaba,
nasezinyonini zezulu,
ube ngukudla kwazo.
6Bonke abakhileyo eGibhithe bayakukwazi
ukuthi Mina nginguSimakade,
ngokuba bebeludondolo lomhlanga
lwendlu yakwa-Israyeli.
7Kuthe lapho bekubamba ngesandla, wephuka,
waklunyula amahlombe abo;
nalapho bencika kuwe, waphoqoka,
wazintengantengisa zonke izinkalo zabo.
8“ ‘Ngalokho-ke, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizokwehlisela phezu kwakho inkemba, ngibulale abantu bakini nemfuyo yakho. 9IGibhithe lizoba yincithakalo nehlane, bazokwazi ukuthi nginguSimakade, ngokuba wathi: “INayili ingeyami, ngiyenze mina.”
10“ ‘Ngalokho-ke ngimelene nawe nemifula yakho. IGibhithe ngiyakulenza libe yincithakalo, imbubhiso nehlane, kusukela eMigidoli kuye eSevene, kuze kube semngceleni eKhushe. 11Akukho nyawo lwamuntu nanselo yasilwane okuyakudabula kulo, futhi aliyukuhlalwa muntu iminyaka engama-40. 12Ngiyakwenza iGibhithe libe yincithakalo emazweni asenziwe incithakalo, kuthi imizi yalo esemizini esiyincithakalo, nayo ibe yincithakalo iminyaka engama-40. AbaseGibhithe ngiyakubahlakazela ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
13“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngasekupheleni kweminyaka engama-40, ngiyakubaqoqa abaseGibhithe kubantu abahlakazekelwe kubo, 14ngibabuyise ekuthunjweni, ngibabuyisele ePhathirosi, izwe abadabuka kulo, babe ngumbuso othobekileyo lapho. 15IGibhithe liyakuba ngumbuso othobekileyo kuneminye imibuso, futhi alisayukuziphakamisa kwezinye izizwe, ngiyakulithena amandla ukuba lingazibusi izizwe. 16Alisayukuba yithemba labendlu yakwa-Israyeli, kodwa liyakuba yisikhumbuzo sokona kwabo, lapho bephendukela kulo becela usizo, bayakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.” ’ ”
17Kwathi ngonyaka wama-20, ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 18“Ndodana yomuntu, uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wawasebenzisa kanzima amabutho akhe ngesikhathi emelene neThire. Wonke amakhanda enziwa izimpandla, namahlombe wonke aklunyulwa, kodwa yena namabutho akhe abakhokhelwanga lutho ngomsebenzi wabo wokuhlasela iThire. 19Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Bheka, sengizonika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, iGibhithe; uzoyithatha ingcebo yalo, aphange impango yalo, bese ethatha impango yalo, ibe yinkokhelo yamabutho akhe. 20Ngimnike iGibhithe ukuba libe yinkokhelo yakhe ngokuzikhandla kwakhe, ngokuba yena namabutho akhe bakwenzele Mina lokho,’ ” kusho iNkosi uSimakade.
21“ ‘Ngalolo lusuku ngizokwenza abendlu yakwa-Israyeli badlondlobale ngamandla, ngikuvumele ukuba ukhulume kubo, bazokwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”