Ithempeli Elisha
1Kwathi ekuqaleni konyaka wama-25 sisekuthunjweni, ngosuku lweshumi enyangeni, ngonyaka we-14 emva kokunqotshwa komuzi, kwathi ngalolo lusuku isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wangiyisa lapho. 2Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kwakungathi isakhiwo somuzi ongaseningizimu. 3Wangiyisa khona; ngabona umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi; wayephethe intambo yelineni esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, emi esangweni. 4Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”
5Kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu, luzungeze nxazonke, esandleni somuntu kukhona uhlanga lokulinganisa, lungamakhubhithi ayisithupha, yileyo naleyo iyikhubhithi engububanzi besandla. Walinganisa ububanzi besakhiwo: uhlanga olulodwa, nokuphakama: ububanzi besakhiwo babuluhlanga olulodwa, kanjalo nokuphakama kwaso kuwuhlanga olulodwa.
6Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezitebhisi zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga olulodwa. 7Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga olulodwa, nobubanzi balo buluhlanga olulodwa; okwakuphakathi kwamakamelo kwakungamakhubhithi ayisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini nawo wawuluhlanga olulodwa.
8Walinganisa nompheme wesango ngasendlini: uwuhlanga olulodwa. 9Wayeselinganisa umpheme wesango: wawungamakhubhithi ayisishiyagalombili; nezinsika zalo: ungamakhubhithi amabili; umpheme wesango ungasendlini.
10Amakamelo abalindi ayesesangweni ngasempumalanga, emathathu ngapha nangapha, eyisilinganiso esisodwa, kanjalo nezinsika zaziyisilinganiso esisodwa ngapha nangapha. 11Walinganisa ububanzi besikhala sesango: sasingamakhubhithi alishumi; ubude besango: bungamakhubhithi ali-13; 12ekugcineni ngaphambi kwamakamelo abalindi: uyikhubhithi elilodwa; umkhawulo ngalapha: uyikhubhithi elilodwa; namakamelo abalindi: ungamakhubhithi ayisithupha ngapha nangapha. 13Walinganisa isango, kusukela ophahleni lwelinye ikamelo kuze kube sophahleni lwelinye, ububanzi bungamakhubhithi angama-25, umnyango ubhekene nomunye. 14Wenza nezinsika: zingamakhubhithi angama-60, isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke. 15Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakungamakhubhithi angama-50. 16Kwakukhona amafasitela avaliweyo, emakamelweni; ezinsikeni ngaphakathi kwesango nxazonke, nasemiphemeni yendlu ngaphandle; kukhona amafasitela nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.
17Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; uyabona-ke, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo egcekeni nxazonke; kwakukhona namakamelo angama-30 endaweni egandayiweyo. 18Indawo egandayiwe yayiseceleni kwamasango, ilingene nobude bamasango; lokhu kwakuyindawo egandayiwe ephansi. 19Wayeselinganisa ububanzi kusukela phambi kwesango elingezansi, kuze kube phambi kwegceke elingaphakathi ngaphandle: kungamakhubhithi ayikhulu ngasempumalanga nangasenyakatho.
20Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho. 21Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngapha nangapha; izinsika zalo nemipheme yalo kwakufana nesilinganiso sokuqala sesango; ubude balo babungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25. 22Amafasitela alo, imipheme yalo, namasundu alo kwakufana nesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezitebhisi eziyisikhombisa, imipheme yalo yayiphambi kwazo. 23Kwakukhona isango legceke elingaphakathi maqondana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa kusukela esangweni kuze kube sesangweni, kwaba ngamakhubhithi ayikhulu.
24Wayesengiyisa ngaseningizimu; lapho kwakukhona isango lingaseningizimu. Wazilinganisa izinsika zalo nemiphemegumbi yalo njengezilinganiso ezishiwo ngenhla. 25Kwakukhona amafasitela kulo nasemiphemeni yalo nxazonke, kufana namafasitela abalulwe ngenhla; ubude babungamakhubhithi angama-50 nobubanzi bungamakhubhithi angama-25. 26Kwakukhona izitebhisi eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo, kunemiphemegumbi phambi kwazo; lalinamasundu, lilodwa ngapha nangapha ezinsikeni zalo. 27Isango legceke elingaphakathi lalingaseningizimu; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni ngaseningizimu, kungamakhubhithi ayikhulu.
28Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango eliseningizimu; walilinganisa lelo sango njengezilinganiso ezibalulwe ngenhla. 29Amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo kwakufana nezilinganiso ezibalulwe ngenhla, kukhona amafasitela kulo nasemiphemenigumbi nxazonke; ubude balo babungamakhubhithi angama-50, ububanzi balo bungamakhubhithi angama-25. 30Kwakukhona imiphemegumbi nxazonke, ubude bayo bungamakhubhithi angama-25, ububanzi bayo bungamakhubhithi ayisihlanu. 31Imiphemegumbi yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu esezinsikeni zalo; kwakukhushukelwa kulo ngezitebhisi eziyisishiyagalombili.
32Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso ezishiwo ngenhla, 33amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo kwakunjengezilinganiso ezibalulwe ngenhla, kukhona amafasitela kulo nasemiphemenigumbi yalo nxazonke; ubude babungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25. 34Imiphemegumbi yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu esezinsikeni zalo, ngapha nangapha; kwakukhushukelwa kulo ngezitebhisi eziyisishiyagalombili.
35Wayesengiyisa esangweni elisenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso ezibalulwe ngenhla, 36amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo; lalinamafasitele nxazonke; ubude bungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25. 37Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayesezinsikeni zalo ngapha nangapha; kwakukhushukelwa kulo ngezitebhisi eziyisishiyagalombili.
38Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; babewugezela lapho umnikelo wokushiswa. 39Emphemenigumbi wesango kwakukhona amatafula amabili ngapha nangapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa, umnikelo wesono nomnikelo wecala. 40Eceleni ngaphandle lapho kwakukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho, kukhona amatafula amabili, emabili futhi nakolunye uhlangothi olungasemphemenigumbi wesango. 41Amatafula amane ayengapha nangapha eceleni kwesango, amatafula ayeyisishiyagalombili ababehlabela kuwo. 42Amatafula amane omnikelo wokushiswa ayenziwe ngamatshe abaziweyo, ubude buyikhubhithi nengxenye, ububanzi buyikhubhithi nengxenye, nokuphakama kuyikhubhithi; babebeka phezu kwawo lokho ababekusebenzisa uma behlaba, benza umnikelo wokushiswa nomhlatshelo. 43Izingwegwe, ubude bazo obabungangobubanzi besandla, zazifakwe ngaphakathi nxazonke. Kwakukhona inyama yomnikelo ematafuleni.
44Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli esegcekeni elingaphakathi, elaliseceleni kwesango elisenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango elisempumalanga, libheke ngasenyakatho. 45Wathi kimi: “Leli kamelo elibheke ngaseningizimu ngelabaphristi abagcina inkonzo yasendlini. 46Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabaphristi abagcina inkonzo yase-althare, abangamadodana kaZadoki, okuyibo emadodaneni kaLevi, angasondela kuSimakade ukuba amkhonze.”
47Wayeselilinganisa igceke, ubude balo babungamakhubhithi ayikhulu, nobubanzi bungamakhubhithi ayikhulu, kuyizinhlangothi ezine; i-althare laliphambi kwendlu.
48Wayesengingenisa emphemenigumbi wendlu, walinganisa izinsika zomphemegumbi: kungamakhubhithi ayisihlanu ngapha nangapha; ububanzi besango babungamakhubhithi amathathu ngapha nangapha. 49Ubude bomphemegumbi babungamakhubhithi angama-20, nobubanzi bungamakhubhithi ali-11 ngasezitebhisini okwakukhushukelwa ngazo kulo; kukhona nezibonda ngasezinsikeni, ngapha nangapha.