Isikhulu Neminikelo
1“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha nangosuku lokwethwasa kwenyanga, liyakuvulwa. 2Isikhulu siyakungena ngendlela yomphemegumbi wesango elingaphandle, sime ngasensikeni yesango, abaphristi banikele umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango, bese siphuma, kodwa isango aliyukuvalwa kuze kube kusihlwa. 3Abantu abahlala kulelo lizwe bayokhothama, bakhuleke kuSimakade phambi kwalelo sango ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga. 4Ngosuku lwesabatha isikhulu siyakunikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa oyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici. 5Siyakunikela nomnikelo wokusanhlamvu oyi-efa ngenqama; ngamawundlu, siyakuletha umnikelo wokusanhlamvu ngewundlu ngalinye, nehini lamafutha nge-efa. 6Ngosuku lokwethwasa kwenyanga siyakunikela ngeduna elingenasici, amawundlu ayisithupha nenqama, konke lokhu kungabi nasici. 7Isikhulu siyakuletha umnikelo wokusanhlamvu: i-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama; ngamawundlu, kube ngangamandla aso, bese kuba yihini lamafutha nge-efa. 8Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yomphemegumbi wesango, sibuye siphume ngendlela yawo. 9Kuyothi lapho abantu abahlala ezweni bengena phambi kukaSimakade ngesikhathi semikhosi emisiweyo, kuthi lowo ongene ngendlela yesango elisenyakatho ukuba ayokhuleka, aphume ngesango eliseningizimu. Umuntu oyakungena ngendlela yesango eliseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango elisenyakatho. Akayukubuyela emuva ngendlela angene ngayo, kodwa uyakuphuma esangweni elimaqondana nalelo angene ngalo. 10Isikhulu siyakuba nabo lapho bengena; kuthi uma sebephuma, siphume nabo.
11“ ‘ “Emikhosini nasemihlanganweni emisiweyo, umnikelo wokusanhlamvu uyakuba yi-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama; ngamawundlu, kube ngangamandla aso, nehini lamafutha nge-efa. 12Isikhulu siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga lapho siletha umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ukuba ibe ngumnikelo wesihle kuSimakade. Siyakunikela umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengoba senza ngosuku lwesabatha, bese siphuma. Isango liyakuvalwa uma sesiphumile.
Umnikelo Wansuku Zonke
13“ ‘ “Nsuku zonke, njalo ekuseni, uyakunikela ngewundlu elinonyaka elingenasici, libe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade. 14Uyakunikela njalo ekuseni, ngomnikelo wokusanhlamvu, ingxenye yesithupha ye-efa, nengxenye yesithathu yehini lamafutha, ukuba kuxovwe impuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, isimiso saphakade. 15Bayakunikela njalo ekuseni ngewundlu, ngomnikelo wokusanhlamvu nangamafutha, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.”
Isikhulu Nezwe
16“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Uma isikhulu sipha enye yamadodana aso isipho, siyakuba yifa lendodana yaso, nelesizukulwane sayo, kube ngokwabo ngokwabiwa kwefa. 17Kepha uma isikhulu sinika enye yezinceku zaso isipho efeni laso, siyakuba ngesenceku kuze kube ngunyaka wokukhululeka, bese sibuyela esikhulwini, kodwa impela ifa laso liyakuba ngelamadodana aso. 18Isikhulu asiyukuthatha lutho efeni labantu, singabaqhwagi impahla yabo, kodwa amadodana aso siyakuwabela ifa empahleni yaso, ukuze abantu bami bangahlakazeki, kube yilowo nalowo ashiye ifa lakhe.” ’ ”
Indawo Yokuphekela Umnikelo
19Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abaphristi, abheke ngasenyakatho. Kwakukhona lapho indawo esekugcineni ngasentshonalanga.
20Wathi kimi: “Nansi-ke indawo lapho abaphristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, futhi babhakele lapho umnikelo wokusanhlamvu, ukuze bangawukhipheli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”
21Wayesengikhiphela egcekeni elingaphandle, wangedlulisa emagumbini omane egceke: kwakukhona ibala kuwo wonke amagumbi. 22Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ehlukanisiweyo; ubude balelo nalelo bala babungamakhubhithi angama-40, ububanzi bungamakhubhithi angama-30. Lawo mabala amane ayesezingosini ayelingana ncimishi. 23Phakathi kwawo kwakukhona ugange lwamatshe nxazonke, kanjalo namaziko ayenziwe phansi kwalo, macala wonke.
24Wathi kimi: “Lezi yizindlu zalabo abaphekayo abayakuphekela kuzo imihlatshelo elethwa ngabantu.”