U-Izaya 20
Isiphrofetho NgeGibhithe NeKhushe
1Ngonyaka okwafika ngawo umkhuzi wempi e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa nalo, walinqoba. 2Ngaleso sikhathi uSimakade wakhuluma ngesandla sika-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Hamba ukhumule indwangu eyisaka esokhalo lwakho, nezicathulo ezinyaweni zakho.”
Wenza kanjalo, wahamba nqunu, engafake nazicathulo.
3USimakade wathi: “Njengalokhu inceku yami, u-Izaya, isihambe nqunu ingafake nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibhithe naseKhushe. 4Inkosi yase-Asiriya iyobahambisa benqunu abathunjwa baseGibhithe, nabaxoshiweyo baseKhushe: abadala nabancane, izinqe ziyoba sobala, kube yihlazo eGibhithe. 5Bayophela amandla, babe namahloni ngeKhushe, ithemba labo, nangeGibhithe abazigabisa ngalo. 6Ngalolo lusuku izakhamuzi zasogwini ziyothi: ‘Bheka ukuthi kwenzekeni kulabo ebesethembele kubo, nalabo ebesibalekela kubo ukuyocela usizo nokukhululwa enkosini yase-Asiriya. Pho thina-ke, siyophunyuka kanjani na?’ ”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.