Abantu Bacela UJeremiya Abanxusele KuSimakade
1Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane, 2bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo. 3Sinxusele ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho asikhombise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokho esiyakukwenza.”
4UJeremiya, umphrofethi, wayesethi kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba ninxusile, kuyakuthi noma yiliphi izwi uSimakade ayoniphendula ngalo, nginitshele lona, angiyukunigodlela lutho.”
5Bathi kuJeremiya: “USimakade makabe ngufakazi oqinisileyo nowethembekileyo oyakumelana nathi uma singenzi konke lokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ayakukuthumela kithi. 6Siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye, noma ngabe lihle noma libi, ukuze kusihambele kahle, siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”
Impendulo KaSimakade KuJeremiya
7Kwathi ngemuva kwezinsuku ezilishumi, izwi likaSimakade lafika kuJeremiya. 8Wayesebiza uJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bonke bempi ababenaye, nabantu bonke abancane nabadala, 9wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli eningithume kuye ukuba ngininxusele kuye, uthi: 10‘Uma niphenduka, niyakuhlala nokuhlala kuleli lizwe, ngiyakunakha nginganidilizi, ngiyakunitshala nginganisiphuli, ngokuba ngiyadabuka ngokubi engikwenzile kini. 11Ningayesabi inkosi yaseBhabhele le eniyesabayo. Ningayesabi, kusho uSimakade, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginihlenge esandleni sayo. 12Ngiyakunenzela ububele, nginiphathe ngomusa; iyakunibuyisela ezweni lakini.’
13“Kepha uma nithi: ‘Asiyukuhlala kuleli lizwe,’ ngalokho ningalilaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, 14nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’ 15Ngakho-ke manje, yizwa izwi likaSimakade wena nsali yakwaJuda. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma niphikelela ukuya eGibhithe, ukuze nigogobale khona, 16kuyakuthi inkemba eniyesabayo inifice khona eGibhithe, nifele lapho. 17Kuyakuthi bonke abantu abayakulibhekisa eGibhithe ukuba bagogobale khona; bafe ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, akuyukuba bikho oyosinda, aphunyuke enhlekeleleni engiyobehlisela yona.’ 18Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwababakhe eJerusalema, ngizothululela ulaka lwami kini uma niya eGibhithe. Niyokuba yisithuko nento esabekayo, isiqalekiso nehlazo, ngeke neze nisayibona le ndawo.’
19“USimakade ukhulume kini nina nsali yakwaJuda, wathi: ‘Ningayi eGibhithe;’ impela yazini ukuthi ngiyanixwayisa namuhla. 20Ngokuba nenze iphutha elikhulu ngokungithumela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nithi: ‘Sinxusele kuSimakade uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uSimakade uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’ 21Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini. 22Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”