UJobe Ukhononda KuNkulunkulu
1“Ngiyakuzonda ukuphila kwami,
ngizokhononda ngokukhululeka,
ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.
2Ngiyakuthi kuNkulunkulu:
‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise;
kuyini ongiphikisa ngakho na?
3Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele,
ulahle umsebenzi wezandla zakho,
uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
4Unawo yini amehlo enyama na?
Uyabona yini njengabantu na?
5Imihla yakho injengemihla yomuntu na?
Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?
6Kungani ungiphenya, ufunisisa ngesono sami,
7noma wazi kahle ukuthi anginacala,
futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
8Izandla zakho zingibumbile,
zangenza ngokupheleleyo nxazonke,
nokho uyangibhubhisa.
9Ake ukhumbule ukuthi nguwe
owangibumba njengobumba,
pho uyakungibuyisela othulini na?
10Awungithululanga yini njengobisi,
wangijiyisa njengoshizi na?
11Awungembathisanga yini isikhumba nenyama,
wangiphica ngamathambo nangemisipha na?
12Ungiphe impilo, wangenzela umusa,
ukunginakekela kwakho kuwulondile umoya wami.
13Kepha lokhu ukufihlile enhliziyweni yakho,
ngiyazi ukuthi lokhu ubukusophile:
14uma ngona, uyangiqaphela,
awuyukungithethelela isono sami.
15Uma ngenzile okubi, maye kimi!
Uma bengilungile,
bengingayukuliphakamisa ikhanda lami,
lokhu ngisuthi ihlazo,
ngibona ukuhlupheka kwami.
16Nokuba bengiziphakamisa,
ubuyakungizingela njengengonyama,
ubuye uzenze omangalisayo kimi.
17Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha,
wandise intukuthelo yakho kimi,
amaviyo ngamaviyo angithelekele.
18“ ‘Wangivumelelani ukuba ngizalwe,
ngiphume esibelethweni na?
Ngangingafi ngani ngingakabonwa nangelilodwa iso na?
19Kwakuyoba sengathi angikaze ngibe khona,
ngiphume esibelethweni,
ngiyiswe ethuneni.
20Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na?
Ake ungiyeke,
kengithole ukuthokoza kancane nje,
21ngaphambi kokuba ngihambe,
ngingaphinde ngibuye,
ngiye ezweni lobumnyama nesigayegaye,
22izwe lobumnyama nesiphithiphithi sobumnyama,
lapho ukukhanya kufana nobumnyama.’ ”