UJobe Uphendula Inkulumo Yesibili Ka-Elifazi
1UJobe waphendula, wathi:
2“Ngizizwile izinto eziningi ezinjengalezi,
nonke ningabaduduzi ababi.
3Awukho yini umkhawulo emazwini ayize na?
Ucunulwa yini ukuze ungiphendule na?
4Nami bengingakhuluma njengani,
ukuba benisesikhundleni sami,
bengingayihlanganisa inkulumo,
ngimelane nani,
ngininikinele ikhanda.
5Benginganikhuthaza ngomlomo,
induduzo yezindebe zami
idambise izinhlungu zenu.
6“Uma ngikhuluma,
ubuhlungu bami abuyukudanjiswa,
nalapho ngithula,
bungakanani obusukayo kimi na?
7Nokho manje uNkulunkulu ungikhathazile,
yonke indlu yami uyenze incithakalo.
8Ungibambile, lokhu kungubufakazi,
ukuzaca kwami kumile kungubufakazi
phambi kwami.
9Ulaka lwakhe luyadwengula, luyangisibekela,
ungiququdela amazinyo,
isitha sami singihlahlela amehlo.
10Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela,
bangishaya esihlathini, bengigcona,
bayangihlanganyela.
11UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo,
ungiphonse esandleni sezikhohlakali.
12Ngangihlezi kahle, wangiphihliza,
ungibambe ngentamo, wangiphahlaza,
ungimise ngaba yinkololo yakhe.
13Abacibishelayo bakhe bangihaqile,
uqhekeze izinso ngokungenaluzwelo,
inyongo yami uyichithe emhlabathini.
14Ungishaya ephindelela,
ungidumela njengeqhawe.
15“Ngithungele indwangu eyisaka esikhumbeni sami;
ngabeka amandla ami othulini.
16Ubuso bami buklwele babomvu ngukukhala,
kunobumnyama obukhulu ezinkopheni zami,
17nakuba kungekho budlova ezandleni zami,
nokukhuleka kwami kulungile.
18Mhlaba, uze ungaligqibi igazi lami,
ukukhala kwami makungayitholi indawo yokuphumula.
19Ngisho manje, ufakazi wami usezulwini,
ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
20Abangani bami bayangiklolodela,
iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,
21ukuze abeke udaba lomuntu kuNkulunkulu,
njengomuntu ekhulumela umngani wakhe.
22Ngokuba sekusele iminyaka embalwa,
ngithathe indlela engingenakubuya kuyo.”