Inkulumo Yesibili KaZofari
1UZofari, umNahama, waphendula, wathi:
2“Imicabango yami engihluphayo ingenza
ngishe amashushu ngokukuphendula,
ngenxa yokuba ngikhathazeke kakhulu.
3Sengizizwile izinsolo zakho ezingithunazayo,
kodwa manje umoya wami
wokuqonda ungenza ngiphendule.
4“Awazi yini lokhu
ukuthi kusukela emandulo,
lapho kubekwa abantu emhlabeni,
5ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane,
nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
6Noma ukuphakama kwakhe kungakhuphukela ezulwini,
nekhanda lakhe lifinyelele emafini,
7uyakubhubha kuze kube phakade,
njengendle yakhe;
abambonayo bayakuthi:
‘Ukuphi na?’
8Uyakundiza njengephupho, angafunyanwa,
axoshwe njengombono wasebusuku.
9Iso elimbonile alisayukuphinde limbone,
nendawo yakhe ayisayukumbona.
10Abantwana bakhe bayonxephezela abampofu,
izandla zabo ziwubuyisele kubo
umcebo wakhe.
11Amathambo akhe ayogcwala ugqozi lobusha,
kodwa ayolala othulini kanye naye.
12“Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,
ebufihla phansi kolimi lwakhe,
13noma ebugodla engabushiyi,
ebugcina emlonyeni wakhe,
14nokho ukudla kwakhe kuyomphendukela esiswini,
kube ngubuthi bezimfezi ezibilini zakhe.
15Umcebo awugwinyile, uyobuye awuhlanze,
nguNkulunkulu oyakuwukhipha esiswini sakhe.
16Uncela isihlungu sezimfezi,
abulawe wulimi lwenyoka.
17Akayukuyibuka imifula nemifudlana
egeleza uju nezaqheqhe.
18Ubuyisa konke akukhandlekelayo, engakakugwinyi,
akayukujabula ngempahla ayitholileyo.
19Ngokuba ubacindezele,
wabalahla abampofu,
udle indlu angazange ayakhe.
20“Ngokuba akakwazi ukuthula ngaphakathi kwakhe,
kulokho akufisayo akuphumeleli lutho.
21Akusalanga lutho angaludlanga,
ngakho-ke impumelelo yakhe ayinakuma.
22Kuyothi kusamhambela kahle,
ehlelwe yizinhlupheko;
izandla zabo bonke abahluphekayo ziyakuza kuye.
23UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko,
anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe
phezu kwakhe.
24Uyakubalekela isikhali sensimbi,
kodwa agwazwe ngumnsalo wethusi.
25Uwubhoncula uphume ngasemhlane,
awubone ubengezela igazi lakhe,
maqede akhungathwe yingebhe.
26Ubumnyama obupheleleyo buyakuba phezu komcebo
wakhe wonke,
umlilo ongavuthelwanga muntu uyakumqothula,
okuseleyo ethendeni lakhe
kushe kungqongqe.
27Izulu liyoveza obala isiphambeko sakhe,
umhlaba umelane naye.
28Ifa lendlu yakhe liyoshabalala, linyamalale
ngosuku lwentukuthelo kaNkulunkulu.
29Lesi yisabelo somuntu okhohlakele,
esivela kuNkulunkulu,
nefa alimiselwe nguNkulunkulu.”