Ukuhlasela Kwesikhonyane Sishaye Siqothule Ezweni
1Izwi likaSimakade elafika kuJoweli
indodana kaPhethuweli.
2Yizwani lokhu nina malunga,
nibeke indlebe nonke nina zakhamuzi zezwe.
Kwake kwenzeka yini lokhu emihleni yenu
noma ezinsukwini zokhokho benu na?
3Kutsheleni abantwana benu,
nabantwana benu bakutshele abantwana babo,
nabantwana babo bakutshele esinye isizukulwane.
4Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi,
nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho,
kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.
5Phaphamani, zidakwa,
nikhale, nilile zinkolotshe zewayini,
phela iwayini elimnandi
selisusiwe emlonyeni wenu.
6Ngokuba isizwe esinamandla
nesingenakubalwa sikhuphukele ezweni lami,
amazinyo aso ngamazinyo ebhubesi,
namazinyo aso emihlathi angawebhubesi lensikazi.
7Sicekele phansi umvini wami,
nomkhiwane wami sawuphundla
kwasala isiphunzi.
Saxebula amagxolo awo sawalahla,
amagatsha awo aba mhlophe qwa.
8Khala njengentombi embethe indwangu eyisaka
ililela umyeni wobusha bayo.
9Iminikelo yokusanhlamvu nokuphuzwayo
ayisalethwa endlini kaSimakade;
abaphristi, izinceku zikaSimakade bayalila.
10Amasimu onakele,
umhlabathi womile,
ngoba okusanhlamvu kushaziwe;
iwayini elisha lihwamukile,
namafutha amasha ashabalele.
11Jabhani balimi,
nikhale nina enilima izimvini
ngenxa kakolo nebhali,
ngokuba isivuno sensimu sishabalele.
12Umvini ubunile,
nomkhiwane womile;
amahananadi, amasundu,
izihlahla zamahhabhula
nemithi yonke yasendle kubunile,
impela intokozo iphelile kubantwana babantu.
13Mbathani indwangu eyisaka
nina baphristi, nilile,
nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare.
Wozani nilale ubusuku bonke
nembethe indwangu eyisaka
nina zinceku zikaNkulunkulu wami.
Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo
akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.
14Memezelani usuku olungcwele lokuzila ukudla,
nibize umhlangano,
niqoqele amalunga nazo zonke
izakhamuzi zezwe endlini kaSimakade
uNkulunkulu wenu,
nikhale kuSimakade.
15Maye ngalolo lusuku!
Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele.
Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.
16Akuqothulwanga yini ukudla
phambi kwamehlo ethu,
kwaphela intokozo nenjabulo
endlini kaNkulunkulu wethu, na?
17Imbewu ibolile phansi kwamagade ayo;
izangobo zibhidliziwe,
izinqolobane zadilizwa,
ngokuba okusanhlamvu kushazile.
18Maye, sekububula nemfuyo!
Imihlambi yezinkomo yehla
yenyuka ikhungathekile,
ngokuba ayinamadlelo,
nemihlambi yezimvu ithwele kanzima.
19Ngikhala kuwe Simakade,
ngokuba amadlelo asendle
angqongqiswe ngumlilo,
nelangabi lizishise zonke izihlahla zasendle.
20Ngisho nezilwane zasendle zilangazelela Wena,
ngokuba imifula yamanzi ishile,
nomlilo uqothule amadlelo asendle.