Isabelo Sesizwana SakwaSimeyoni
1Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda. 2Ifa laso kwaba yiBheri Sheba, iShebha, iMolada, 3iHazari Shuwali, iBhala, i-Ezeme, 4i-Elitholadi, iBhethuli, iHorma, 5iZikilagi, iBhethi Marikabhothi, iHazari Susa, 6iBhethi Lebhawothi, neSharuheni. Isiyonke kuyimizi eli-13 nemizana yayo. 7I-Ayini, iRimoni, i-Ethere, ne-Ashani, kuyimizi emine nemizana yayo, 8nayo yonke imizana eyayizungeze le mizi kuze kuyofika eBhalathi Bheri, iRama eningizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sakwaSimeyoni ngokwemindeni yaso. 9Ifa labozalo lukaSimeyoni laliyingxenye yendawo yabozalo lukaJuda, ngokuba ingxenye yabozalo lukaJuda yayinkulu kunaso, ngalokho-ke abozalo lukaSimeyoni bathola ifa labo phakathi kwelabakwaJuda.
Isabelo Sesizwaba SakwaZebuloni
10Unkatho lwesithathu lwadla abozalo lukaZebuloni ngokwemindeni yabo. Umngcele wesabelo sabo wawufinyelela eSaridi; 11wenyukele ngasentshonalanga kuze kube seMarala, eDabheshethi, nasemfuleni ongasempumalanga eJokhineyamu, 12ujike eSaridi, ubheke ngasempumalanga lapho kuphuma khona ilanga, uze uyofika emngceleni eKhisilothi Thabhori, usuke lapho ubheke eDabherathi, bese wenyukela eJafiya; 13usuke lapho wedlule ngasempumalanga yeGathi Heferi, uye e-Ethi Khazini, uqhubekele eRimoni, ujikele eNeya. 14Ngasenyakatho, umngcele uyajika ubheke eHanathoni uze uyophelela esigodini i-Ifita Eli; 15naseKhatha, eNahalali, eShimroni, eJidala, naseBhethlehema, leyo mizi ili-12 nemizana yayo.
16Yileso-ke isabelo sabozalo lukaZebuloni ngokwemindeni yabo, leyo mizi nemizana yayo.
Isabelo Sesizwana Sakwa-Isakhare
17Unkatho lwesine lwadla u-Isakhare, abozalo luka-Isakhare ngemindeni yabo. 18Indawo yabo kwakuyiJizreyeli, iKhesulothi, iShunemi, 19iHafarayimi, iShiyoni, i-Anaharathi, 20iRabhithi, iKhishiyoni, i-Ebhezi, 21iRemethi, i-Eni Ganimi, i-Eni Hada, iBhethi Phazezi; 22umngcele wabo uze ufinyelele eThabhori, eShahazuma, naseBhethi Shemeshi; uze uphele eJordani, imizi eli-16 nemizana yayo. 23Yileso-ke isabelo sesizwe sabozalo luka-Isakhare ngemindeni yabo, le mizi nemizana yayo.
Isabelo Sesizwana Sakwa-Asheri
24Unkatho lwesihlanu lwadla abozalo luka-Asheri ngemindeni yabo. 25Umngcele wabo kwakuyiHelikhathi, iHali, iBhetheni, i-Akhishafu, 26i-Alamelekhi, i-Amadi, neMishali; ngasentshonalanga uze ufinyelele eKharimeli naseShihori Libhinathi; 27ujike ubheke empumalanga uye eBhethi Dagoni, uze ufike kwaZebuloni nasesigodini i-Ifitha Eli enyakatho ukuya eBhethi Emekhi naseNeyiyeli, uqhubeke ngasenyakatho ubheke eKhabhuli; 28e-Ebhironi, eRehobhi, eHamoni, eKhana, uze uyofika eSidoni Elikhulu, 29bese umngcele ujika uya eRama, uze uyofinyelela emzini obiyelweyo eThire; umngcele bese ujika uye eHosa, uze uyophela olwandle e-Akhizibhi; 30e-Uma, e-Afekhi, naseRehobhi, imizi enga-20 nemizana yayo.
31Yileso-ke isabelo sesizwana sabozalo luka-Asheri ngemindeni yaso, nemizi nemizana yayo.
Isabelo Sesizwana SakwaNafethali
32Unkatho lwesithupha lwadla abozalo lukaNafethali ngemindeni yabo.
33Umngcele wabo wawusuka eHelefi kulo i-okhi eZahananimi, e-Adamu Nekhebhi, naseJabhineyeli, uze uyofika eLakhumi; uphele eJordani, 34bese uyajika umngcele ubheke ngasentshonalanga e-Azinothi Thabhori; udlule lapho uye eHukhokhi, uze uyofika kwaZebuloni ngaseningizimu, nakwa-Asheri ngasentshonalanga, nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga. 35Imizi ebiyelwe kwakuyiZidimi, iZeri, iHamathi, iRakhathi, iKhinerethi, 36i-Adama, iRama, iHazori, 37iKedeshi, i-Edireyi, i-Eni Hazori, 38iJireyoni, iMigidaliyeli, iHoremi, iBhethi Anathi, iBhethi Shemeshi, nemizi eli-19 nemizana yayo. 39Yileso-ke isabelo sesizwana sabozalo lukaNafethali ngemindeni yaso, imizi nemizana yayo.
Isabelo Sesizwana SakwaDani
40Unkatho lwesikhombisa lwadla isizwana sabozalo lukaDani ngemindeni yaso. 41Indawo eyayiyifa laso kwakuyiZora, i-Eshithawoli, i-Iri Shemeshi, 42iShahalabhini, i-Ajaloni, iJithila, 43i-Eloni, iThimna, i-Ekhroni, 44i-Elithekhe, iGibhethoni, iBhalathi, 45iJehudi, iBhene Bherakhi, iGathi Rimoni, 46iMe Jarikhoni, iRakhoni esemngceleni obhekene neJopha.
47Kwathi ukuba abozalo lukaDani balahlekelwe ngumngcele wabo, bakhuphuka balwa neLeshemu, balidla, balibhubhisa ngenkemba, balithatha, bakha kulo, base belibiza iLeshemu ngokuthi yiDani, beliqamba ngegama likaDani uyise. 48Yileso-ke isabelo sesizwana sabozalo lukaDani ngemindeni yaso, imizi nemizana yayo.
Isabelo SikaJoshuwa
49Sebeqedile ukwaba izwe ngokwezizwe, nangokwemingcele yalo, abakwa-Israyeli banika uJoshuwa, indodana kaNuni, ifa lakhe phakathi kwabo. 50Ngokomyalo kaSimakade bamnika umuzi ayewucelile, iThiminathi Sera kwelezintaba kwa-Efrayimi; wawakha kabusha umuzi, wahlala kuwo.
51Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.