Isixwayiso Ngokukhonza Izithombe Ezibaziweyo
1“ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
2“ ‘Niyogcina amasabatha ami, nihloniphe indawo yami engcwele; nginguSimakade.
Izithembiso Kwabagcina Umthetho
3“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze, 4ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo. 5Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile.
6“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini. 7Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu. 8Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.
9“ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani. 10Niyakudla okugcinwe ezinqolobaneni, nikhiphe okudala ukuze ningenise okusha. 11Ngiyakubeka ithabanakeli lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyukuninenga. 12Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami. 13NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.
Ukujeziswa Kwabangalaleli
14“ ‘Kepha uma ningangilaleli, ningayigcini yonke le miyalo, 15uma nilahla izimiso zami, nomphefumulo wenu unengwa yizehlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kodwa naphula isivumelwano sami, 16nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile. 17Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.
18“ ‘Uma ningangilaleli nangalezi zinto, ngiyonishaya ngokuphindwe kasikhombisa ngenxa yezono zenu. 19Ngiyakuqeda ukuqhosha ngamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi. 20Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.
21“ ‘Uma niyohamba nimelene nami, ningavumi ukungilalela, ngiyakunehlisela izinhlupheko eziphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu. 22Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, ziyakubulala abantwana benu, zibhubhise imfuyo yenu, zinicoboshise, zibhubhise nezindlela zenu.
23“ ‘Uma phezu kwazo zonke izinto enginishaye ngazo ningaphendukanga, kodwa nahamba nimelene nami, 24nami ngizomelana nani, ngizakunishaya, yebo, ngokuphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu. 25Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu. 26Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.
27“ ‘Uma nangalokhu ningangilaleli, kodwa nihamba nimelene nami, 28nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu. 29Niyokudla inyama yamadodana namadodakazi enu. 30Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini. 31Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi. 32Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngalokhu. 33Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi. 34Ngaleso sikhathi izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lisele liyincithakalo, nina niyobe nisezweni lezitha zenu ngaleso sikhathi; izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo. 35Ngesikhathi lihlezi liyincithakalo liyakuphumula, ukuphumula elingakutholi ngamasabatha enu, lapho nihlezi kulo.
36“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo. 37Bayakukhubeka omunye ekhutshwa ngomunye kungathi babalekela inkemba, kodwa kube kungekho muntu obaxoshayo. Aniyukuba namandla okuma phambi kwezitha zenu. 38Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linishwabadele. 39Insali yabakini iyogcugca iphelele ezweni lezitha zenu, nazo ziyobhubha ngenxa yobubi boyise.
40“ ‘Bayakubuvuma ububi babo nobubi bokhokho babo okwathi ekungethembekeni kwabo, benza ukungethembeki kimi, baqhubeka bamelena nami. 41Nami ngokunjalo ngamelana nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo. Uma ngaleso sikhathi izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, bekhombisa ukuphenduka ngobubi babo, 42ngiyakusikhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abhrahama. Ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe. 43Bayakulishiya izwe, lithokoze ngamasabatha alo lisahlezi liyincithakalo, kungekho muntu kulo. Bona besamukeliswa isijeziso sobubi babo, ngokuba balahla izehlulelo zami, umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami. 44Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo. 45Ngenxa yabo ngiyosikhumbula isivumelwano nokhokho babo engabakhipha eGibhithe phambi kwezizwe, ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguSimakade.’ ”
46Lezi yizimiso nezehlulelo nemithetho okwamiswa nguSimakade phakathi kwakhe nabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi, ngesandla sikaMose.