U-Aroni Unikela KuSimakade
1Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili, uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli. 2Wathi ku-Aroni: “Zithathele ithole leduna libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa okungenasici, unikele ngakho phambi kukaSimakade. 3Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo nenze ngayo umnikelo wesono, nethole, newundlu okunonyaka, okungenasici, kube ngumnikelo wokushiswa, 4nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”
5Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade. 6UMose wayesethi: “Nakhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze, ukuze ibonakale kini inkazimulo yakhe.”
7UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-althare, unikele ngomnikelo wakho wesono, nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana andukuba unikele ngomnikelo wabantu ubenzele ukubuyisana, njengalokhu uSimakade eyalile.”
8U-Aroni wasondela e-althare, wahlaba ithole lomnikelo wakhe wesono. 9Amadodana akhe aletha igazi kuye, wagcobhoza ngomunwe kulo, walibheca ezimpondweni ze-althare, elinye igazi walithululela esinqeni se-althare, 10kodwa amanoni nezinso nalawo asesibindini emnikelweni wesono wakushisa e-althare, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 11Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwenkambu.
12Wahlaba nomnikelo wokushiswa; amadodana akhe aletha igazi kuye, wafafaza ngalo macala wonke e-althare. 13Amnika izitho ngezitho zomnikelo wokushiswa, nenhloko, wakushisa e-althare. 14Wageza ezangaphakathi namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-althare. 15Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wabahlanza ngayo, njengaphambilini.
16Waletha umnikelo wokushiswa, wawunikela njengalokhu kumisiwe. 17Waletha nomnikelo wokusanhlamvu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-althare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.
18Wahlaba inkunzi nenqama kwaba yimihlatshelo yokuthula ongowabantu; amadodana akhe aletha igazi, walifafaza nxazonke e-althare, 19amanoni enkunzi, awenqama, awomsila ononileyo, umhlwehlwe, namanoni ezinso nawesibindi, 20awabeka phezu kwesifuba; wawashisa kwaba nentuthu e-althare; 21izifuba, nomlenze wangakwesokunene u-Aroni wakuzungezisa, kwaba ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade njengalokhu ayeyalile uMose.
22U-Aroni waphakamisela izandla zakhe phezu kwabantu, wababusisa; wayesehla lapho ayekade enikela khona ngomnikelo wesono, nangomnikelo wokushiswa, nangeminikelo yokuthula.
23UMose no-Aroni bangena ethendeni lokuhlangana, babuye baphuma, babusisa abantu. Inkazimulo kaSimakade bayibona bonke abantu. 24Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, waqothula umnikelo wokushiswa, namanoni okwakuse-althare; abantu bonke bekubona lokho, bakhamuluka, bakhothama phansi ngobuso.