UJesu Uthuma Abaphostoli Bakhe Abalishumi Nambili
1UJesu wayesebiza abafundi bakhe abali-12, wabanika igunya phezu komoya abangcolileyo, ukuze babakhiphe. Wabanika nelokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.
2Nanka amagama abaphostoli abali-12: owokuqala nguSimoni okuthiwa nguPhethro, u-Andreya umfowabo, uJakobe noJohane umfowabo, amadodana kaZebedewu, 3uFiliphu, uBhartholomewu, uThomase, uMathewu umthelisi, uJakobe ka-Alifewu, uThadewu, 4uSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe, lo owakhaphela uJesu.
5Laba abali-12 wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe, ningangeni nasemzini wamaSamariya, 6kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. 7Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ 8Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. 9Ningaphathi golide, siliva, nathusi emixhakeni yenu. 10Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso.
11“Nakunoma yimuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, anocinga ofaneleyo, bese nihlala kuwo, nize nihambe kuleyo ndawo. 12Kuyothi lapho ningena kulelo khaya, nibingelele. 13Uma lelo khaya lifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwalo, kodwa uma lingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. 14Yilowo nalowo ongayukunamukela ezwe amazwi enu, anothi niphuma nje kulelo khaya noma kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu. 15Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.”
Izinhlupheko Ezizayo
16“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
17“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo. 18Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.
19“Kepha kuyakuthi nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma nithini, ngokuba niyakuphiwa ngaleso sikhathi eniyakukukhuluma. 20Ngokuba akuyinina eniyakukhuluma, kodwa uMoya kaYihlo, nguye oyakukhuluma kini.
21“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale. 22Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa. 23Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.
24“Umfundi akangaphezulu komfundisi wakhe, nenceku kayingaphezulu kwenkosi yayo. 25Kwanele uma umfundi enjengomfundisi wakhe, nenceku injengenkosi yayo. Uma umninindlu bembize ngokuthi uBhelzebhule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe.
Lowo Okufanele Simesabe
26“Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa nokufihliweyo okungayukwaziwa. 27Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu. 28Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni. 29Akuthengiswa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Nokho akukho namunye oyakuwela phansi ngaphandle kwemvume kaYihlo. 30Kepha nani, zibaliwe zonke izinwele zekhanda lenu. 31Ngakho-ke maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.
Ukuvuma Nokuphika UKhristu
32“Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini. 33 Kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.
Ukuthula Nenkemba
34“Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba. 35Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, indodakazi nonina, umalokazana noninazala. 36Izitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.
37“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele; 38nalowo ongasithathi isiphambano sakhe angilandele, akangifanele. 39Ofumana ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.
Ukuzuza Umvuzo
40“Onamukelayo nina, uyangamukela Mina; nongamukelayo Mina, wamukela ongithumileyo. 41Owamukela umphrofethi ngokuba engumphrofethi, uyakuzuza umvuzo womphrofethi; nowamukela olungileyo ngokuba lowo elungile, uyakuzuza umvuzo wolungileyo. 42Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”