Ukubekwa Kwezibani
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ”
3U-Aroni wenza kanjalo, wabeka izibani zalo ukuze zikhanyise phambi kothi lwezibani njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 4Uthi lwezibani lwalwakhiwe ngegolide elicangcathiweyo, kusukela esinqeni salo kuya ezimbalini zalo. Lalifana nse nomfanekiso uSimakade awubonisa uMose; walwenza kanjalo uthi lwezibani.
Ukuhlanjululwa KwabaLevi Nokwahlukaniselwa USimakade
5USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 6“Thatha abaLevi kubantu bakwa-Israyeli, ubahlambulule. 7Uyakubahlambulula kanje: bafafaze ngamanzi okuhlambulula, ubenze baphuce zonke iziboya ezisemizimbeni yabo, bahlanze izingubo zabo; bazihlambulule. 8Bayothatha iduna nomnikelo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha. Uyothatha iduna lesibili libe ngumnikelo wesono. 9Uyobaletha abaLevi phambi kwethende lokuhlangana, uqoqe yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli. 10Uyosondeza abaLevi phambi kukaSimakade, abantu bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamakhanda abo. 11U-Aroni uyobaletha abaLevi phambi kukaSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa ovela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi kaSimakade.
12“AbaLevi bayobeka izandla zabo ezinhlokweni zamaduna, wena unikele ngelinye lawo libe ngumnikelo wesono, nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade, ubenzele abaLevi ukubuyisana.
13“AbaLevi uyakubabeka phambi kuka-Aroni namadodana akhe, unikele ngabo kuSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa. 14AbaLevi uyobehlukanisa phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, abaLevi bayoba ngabami.
15“Emveni kwalokho abaLevi bayongena ethendeni lokuhlangana ukuyokwenza inkonzo yalo. Uyakubahlambulula ubanikele, babe ngumnikelo wokuzungeziswa. 16Banikelwe kimi bevela phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, ngizithathele bona ukuba babe ngabami. 17Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe. 18Nokho ngizithathele abaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli. 19AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”
20UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke. 21AbaLevi bazihlambulula, bahlanza nezingubo zabo. U-Aroni wayesebaletha njengomnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade, ukuze u-Aroni abenzele ukubuyisana, abahlambulule. 22Emveni kwalokho abaLevi bahamba ukuyokwenza umsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni namadodana akhe, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose ngabo. Benza kanjalo-ke kubaLevi.
23USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 24“Nanku umsebenzi wabaLevi: kusukela kwabaneminyaka engama-25 kuya phezulu, kwabayongena ukwenza umsebenzi wenkonzo ethendeni lokuhlangana. 25Kusukela kwabaneminyaka engama-50 bayoyeka ukwenza umsebenzi wenkonzo, abasayukuphinde bawenze futhi. 26Kepha bangabasiza abafowabo ethendeni lokuhlangana ukuze bagcine imisebenzi yabo, nokho bona ngeke besawenza lowo msebenzi. Uyokwenza kanjalo-ke kubaLevi maqondana nemisebenzi yabo.”