Umgomo Wezaga
1Lezi yizaga zikaSolomoni,
indodana kaDavide,
inkosi yakwa-Israyeli.
2Ngezokufunda ukuthi kuyini
ukuhlakanipha, nokufundisa
ukuqonda amazwi ajulile,
3ukuthola ingqondo ekhanyiselwe,
ubulungiswa nobuqotho.
4Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda,
ulwazi nokuqaphela kwabasha,
5ukunikeza ukuqonda izaga nezisho ezifihlakele,
izisho zabahlakaniphe kakhulu
neziphicaphicwano zabo,
6ukuze aqonde izaga, nemizekeliso,
namazwi ezihlakaniphi.
7Ukumesaba uSimakade
kuyisiqalo sobuhlakani.
Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.
8Ndodana yami,
lalela ukuqondisa kukayihlo,
ungayedeleli imfundiso kanyoko,
9iyoba ngumqhele wobuhle ekhanda lakho,
nomgexo entanyeni yakho.
Iziyalo Eziqondene Nendodana
10Ndodana yami,
uma izoni zikuyenga, ungavumi,
11uma zithi kuwe:
“Woza, hamba nathi
ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu,
sichithe igazi labangenacala!
12Masibagwinye bezwa okwendawo yakwalasha,
sibaphonse egodini bephila.
13Siyozitholela yonke ingcebo eyigugu,
sigcwalise izindlu zethu ngempango,
14senze unkatho phakathi kwethu,
sabelane sonke sikhwameni sinye!”
15Ndodana yami,
ungazibandakanyi nabo,
ungalubhadi unyawo lwakho ezindleleni zabo,
16ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini,
bayashesha ukuchitha igazi.
17Ngokuba balendlalele ize inetha labo,
ukucupha ugibe izinyoni zonke zibuka.
18Laba baqamekela elabo igazi,
balala unyendle belalela impilo yabo.
19Zinjalo izindlela zabo bonke
abathola inzuzo ngokungafanele;
leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo.
20Ukuhlakanipha kuyampongoloza emigwaqweni,
kuyaqandula ezigcawini.
21Kumemeza ezinkundleni nasemasangweni omuzi,
kukhuluma kuthi:
22“Kuyoze kube nini ziwula ndini
nithanda ubuwula,
nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa,
nani ziwula nizonda ulwazi na?
23Buyani ngenxa yokusola kwami,
lalelani, manginithululele okusemoyeni wami,
nginazise amazwi ami.
24Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba,
ngininike isandla sami,
kodwa anizange ninake.
25Anizinakanga zonke izeluleko zami,
anikwemukelanga ukusola kwami.
26Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu
ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele,
nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.
27Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo,
nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso,
nenhlekelelo yenu ifika njengesivunguvungu,
nalapho inhlupheko nosizi kunehlela,
28khona bayakungibiza,
kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa,
kodwa ngeke bangifumane,
29ngenxa yokuba bazonde ulwazi,
bakhetha ukungamesabi uSimakade.
30Abasilalelanga iseluleko sami,
bakudelela ukusola kwami.
31Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile,
basuthiswe yizithelo zobuqili babo.
32Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala,
nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.
33Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile,
angabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.”