Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (10)
1Ungcono umuntu ompofu
ohamba ngobuqotho,
kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.
2Futhi akukuhle ukuba umuntu
angabi nalwazi;
oshesha ngezinyawo uyaduka.
3Ubuwula bomuntu buyayiguqula indlela yakhe,
kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uSimakade.
4Ingcebo ikwenza ube nabangani abaningi,
kodwa ompofu ulahlwa
nangabangani bakhe.
5Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa,
nophafuza amanga akayukuphunyuka.
6Baningi abazincengela ezikhulwini;
bonke bafuna ukuba ngumngani
womuntu ophanayo.
7Ompofu uzondwa ngisho nayizihlobo zakhe;
kakhulu kangakanani-ke abangani bakhe?
Bayaziqhelelanisa naye;
noma efuna ukukhuluma nabo,
abatholwa ndawo.
8Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ukuqonda, ufumana okuhle.
9Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa,
nophafuza amanga uyobhubha.
10Ukutamasa akusifanele isiwula,
kakhulu kangakanani-ke
ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu?
11Ohlakaniphile uyephuza ukuthukuthela;
kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama,
kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.
13Indodana eyisiwula, iyinhlupheko kuyise,
nomfazi ohlala ethetha uyiphela endlebeni.
14Indlu nengcebo kuyifa elivela kubazali,
kodwa umfazi ohlakaniphileyo uvela kuSimakade.
15Ubuvila buletha ubuthongo obunzima;
oyivila uyobulawa yindlala.
16Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
17Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade;
uyakuthola umvuzo.
18Yiyale indodana yakho lisekhona ithemba;
ungayifiseli ukuba ife.
19Umuntu onolaka olukhulu wojeziswa;
uma umkhulula, uyophinde akwenze lokho.
20Yizwa iseluleko,
wemukele ukuqondiswa,
ukuze ekugcineni uhlakaniphe.
21Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha inhloso kaSimakade iyokuma.
22Okulangazelelwa ngumuntu ngukuba athembeke;
kungcono ukuba mpofu
kunokuba ube ngumuntu wamanga.
23Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni;
onakho uhlala enelisiwe,
akehlelwa ngokubi.
24Ivila liyasifihla isandla salo esitsheni;
alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25Sishaye isedeleli
ukuze ongenalwazi abe nokuqonda;
msole ohlakaniphileyo, uyakuzuza ulwazi.
26Ohlukumeza uyise noxosha unina,
uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27Ndodana yami,
uma uyeka ukulalela ukuyalwa,
uyakuduka emazwini okwazi.
28Ofakaza okuyize wedelela umthetho;
umlomo wezikhohlakali ugwinya inkohlakalo.
29Ukulahlwa kulungiselwe izedeleli,
nemivimbo, umhlane weziwula.