ISambulo 10
Ingelosi Enencwadi Evulekileyo
1Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ivela ezulwini, yembethe ifu, nothingo lwenkosazana luphezu kwekhanda layo, ubuso bayo babunjengelanga, izinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo, 2iphethe esandleni sayo incwadi encane evuliweyo. Yayisibeka unyawo lwayo lwesokunene phezu kolwandle, kwathi olwesokhohlo yalubeka phezu kwezwe, 3yamemeza ngezwi elikhulu elinjengokubhodla kwengonyama, lapho imemeza, imidumo eyisikhombisa yakhuluma ngamaphimbo ayo. 4Seyikhulumile imidumo eyisikhombisa, ngase ngizobhala, kodwa ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Sicilela ngophawu olukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakubhali.”
5Ingelosi engayibona ime phezu kolwandle naphezu komhlabathi, yaphakamisa isandla sayo sokunene yasibhekisa ezulwini, 6yafunga Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nakho konke okukulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nolwandle nakho konke okukulo, yathi: “Akusayukuba bikho kubambezeleka. 7Kepha kuyakuthi ngezinsuku lapho ingelosi yesikhombisa isizakubetha icilongo layo, kulapho-ke imfihlakalo kaNkulunkulu iyakube isifeziwe, njengalokhu amemezela ezincekwini zakhe, abaphrofethi, ngezindaba ezijabulisayo.”
8Izwi engalizwa livela ezulwini laphinda futhi lakhulma nami, lathi: “Hamba uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlaba.”
9Ngaya-ke engelosini; ngayitshela ukuba inginike incwadi encane. Yathi kimi: “Yithathe, uyidle; izakubaba esiswini sakho, kodwa emlonyeni wakho izakuba mnandi njengoju.”
10Ngayithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla. Yayimnandi njengoju emlonyeni wami, nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami. 11Zase zithi kimi: “Kufanele ukuba uphrofethe futhi ngabantu abaningi, izizwe, izilimi, namakhosi.”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.