USirakhi 12
1Uma wenza okuhle, yazi ukuthi ukwenza kubani, khona uyakuba nomvuzo ngomusa wakho. 2Yenza okuhle kwabakholekayo uyoba nembuyiselo, futhi uma kungebona uyobuyiselwa ngoPhezukonke. 3Ayikho inqubekela-phambili kulowo owona ngenkani futhi asikho nesihe kulowo onganikeli ngenkululeko. 4Phana okholekile kodwa ungalokothi usize isoni. 5Yenza okuhle kwabathotshisiweyo kodwa ungakwenzi kwabangenaye uNkulunkulu; godla isinkwa sakho futhi ungabaniki sona; ukuze bangasisebenzisi isipho sakho ukukucindezela, kuthi nangosizo lonke obenzela lona, benze okubi kuwe ngokuphindiwe; 6ngokuba Ophezukonke uyazizonda izoni, futhi ubabhaxabula ngokuphindiwe labo abangakholwa.
7Muphe olungileyo kodwa usincishe isoni. 8Umngani akaphindiseli kwabalungileyo kodwa isitha asibufihli ububi. 9Nxa umuntu kumhambela kahle, izitha zakhe ziyakhathazeka; kuthi lapho izinto sezimbhedela aphendukelwe ngisho nangumngani wakhe. 10Ungalokothi wethembe isitha sakho naphakade ngoba njengobubi siyakukuvukela esiswini njengotshwala. 11Noma singaze sizithobe, siziyethise, hambela kude naso futhi usiqaphele impela. Ungakhohliseki noma ngabe siyakumbuluzela. 12Ungasihlalisi eduze kwakho, ukuze singakuketuli sihlale endaweni yakho; ungasibeki ngakwesokunene sakho, ukuze singazami ukuhlala esihlalweni sakho; ekugcineni uyovuma ukuthi amazwi ami ayiqiniso futhi uyozisola lapho ukhumbula izeluleko zami.
13Ngubani ozwelana nomngani wenyoka lapho isimlumile, noma nalabo abasondela ezilwaneni zasendle na? 14Kunjalo-ke nakumuntu ohambisana nababi futhi abe engumhlanganyeli ebubini babo. 15Uba ngakuwe isikhashana kuthi lapho uba sephutheni angabonwa nangalukhalo. 16Isitha sikhuluma okumnandi okoju kodwa sibe siceba enhliziyweni yaso ukuthi siyokukukhalakathisela kanjani emgodini. Singaba nezinyembezi emehlweni aso, kodwa sike salithola nje ithuba kuchitheke igazi. 17Uma wehlelwa ngokubi, uyosifumana sesilapho sikloloda, sishaya sengathi siyakwelekelela kanti silindele ithuba lokukuketula. 18Sinqekuza ikhanda, siziphulule kuthi ngenhlebo eningi siveze imibala yaso.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.