USirakhi 19
1Owenza lokho kasoze aceba; nalowo obukela phansi izinto ezincane uyokwehluleka awe kancane kancane. 2Iwayini nesifazane kudukise izihlakaniphi, kanjalo nendoda ehlala ingungwe yizifebe iyidlabha lempela. 3Ukubola nezimpethu kuyisabelo sakhe kanjalo nomuntu oyidlabha uyakushabalala. 4Lowo owethemba abanye ngokushesha unomqondo ongazikile, nalowo owenza isono wenza okubi kuye uqobo. 5Lowo othokoza ebubini uyakubhujiswa, kodwa lowo omelana nezinjabulo, uthwesa impilo yakhe umqhele.
Ukukhuluma Budedengu
6Lowo ofaka ulimi lwakhe amatomu uyophila ngaphandle kwenxushunxushu kodwa lowo ozonda inhlebo, unobubi obuncane. 7Ungalokothi uyiphinde ingxoxo, ngokwenze njalo awuyikulahlekelwa lutho nempela. 8Lapho unomngane noma isitha ungaze waxoxa ngalokho, ngaphandle kokuba kungaba yisono kuwe, ungaze wakuveza ebenixoxa ngakho, 9ngokuba kunokwenzeka ukuba ukhona okuzwile futhi obekubhekile, okuyothi ngokuhamba kwesikhathi akuzonde. 10Kukhona okuzwileyo, yana egodini nakho. Yiba nesibindi, awunakuqhuma! 11Lapho isiwula sesizwile okuthile, siba nezinseka njengowesifazane ehelelwa lapho ezobeletha. 12Njengo mcibisholo ombeleke ethangeni lomuntu, injalo inhlebo esifubeni sesiwula. 13Mbuze umngani, ngoba kunokwenzeka ukuthi kakwenzanga lokho; uma ekwenzile, msole ukuze angaphinde akwenze. 14Mbuze umakhelwane, ngoba kungenzeka ukuba kazange akusho lokho; uma ekushilo, msole ukuze angakuphindi.
15Mbuze umngani, ngokuba isikhathi esiningi kusuke kungumoya womubi; ungakholwa yikho konke okuzwayo. 16Kuyenzeka umuntu enze iphutha engaqondile. Ubani ongakaze one ngolimi lwakhe na? 17Mbuze umakhelwane wakho ngaphambi kokuba umsongele; futhi yekela umthetho woPhezukonke uthathe indawo yawo, futhi ungathukutheli. 18Ukwesaba uSimakade kungukuqala kokwamukeleka futhi inhlakanipho izuza uthando lwakhe. 19Ulwazi ngomthetho kaSimakade lunika impilo nobuqotho; labo abenza okumthokozisayo uSimakade bayakudla isithelo somuthi wokuphila okuphakade.
Ukubona Kanjani Ukuhlakanipha Okuyikho
20Inhlakanipho yonke ingukwesaba uNkulunkulu, futhi enhlakanipheni kukhona ukugcwaliseka komthetho nokumazi onguMninimandla onke. 21Uma isiqgila sithi kumniniso: “Anginakwenza njengokuthanda kwakho” noma sesingakwenza kamuva, simthukuthelisile lowo osondlayo. 22Akuyona inhlakanipho ukwazi ukonakala, futhi akukho kucophelela ezelulekweni zezoni. 23Kukhona ubuhlakani obenyanyisayo, futhi kukhona nesilima eseswele inhlakanipho. 24Bangcono kakhulu labo abeswele ukuqonda kodwa bemesaba uNkulunkulu kunabakhaliphe kakhulu bebe bephula umthetho. 25Kukhona ukuhlakanipha okushaya emhlolweni kube kungenabulungisa, kukhona nabantu abasebenzisa kabi okuhle abakwenzelwayo ukuze bavunwe yisinqumo. 26Nanti iqili lithotshisiwe lilila, kodwa ngaphakathi ligcwele ububi. 27Lifihla ubuso balo lenze sengathi kalizwa, kodwa lapho kungekho obonayo, liyakudlala ngawe. 28Nakuba ukweswela amandla kungalivimbela ekoneni, nokho liyakubenza ububi lapho lithola ithuba. 29Umuntu waziwa ngendlela abukeka ngayo, kanti futhi umuntu onengqondo waziwa kahle lapho usumbone ubuso nobuso. 30Imvunulo yomuntu, ukuhleka kwakhe kanye nendlela ahamba ngayo, kukhomba lokho umuntu ayikho.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.